EZOMPHAKATHIIzindaba

USEMANDENI UMHLANGANO WESIBILI WOKUBONISANA NGEZINGUQUKO ZESIMO SEZULU KWEZOKWAKHA

Inhloso yalokhu kuhlangana ukuba kekuxoxwe ngohlelo lokuhlinzeka izindawo zokwakha, ezimelana nezinselelo zezinguquko zesimo sezulu. “Indaba yethu igxile ekudaleni imvelo ehleliwe ehlanganisa umphakathi, ivumelana nemigomo yokuguqula izindawo ngezindlela ezisungulayo futhi ezisiza umphakathi ukuba uzimelele ekubhekeleni izinhlekelele zesimo sezulu”, kusho uSihlalo we-CBE, uNks. Dikeledi Molefe.

“I-CBE izibophezele ekudaleni isisekelo somthetho nemigomo esekelayo yokuvikela izindawo zokuhlala kanye nokwakha ikhono lokuqinisa izindawo zethu ukuze zibe nemiphumela ehlala njalo kubahlali”, kusho yena.

Lo mhlangano uzohlanganisa izihambeli ezibalelwa emakhulwini amahlanu (500), kubandakanya ungqongqoshe wezimisebenzi yomphakathi nengqalasizinda kuleli kanye nephini lakhe, indlu yokuhola amasiko,izimeya kanye nabaphathi bakamasipala iLembe, i-South African Local Government Association (SALGA), i-Construction Education and Training Authority (CETA), kanye nochwepheseshe abamakhono ocwaningo nezimo zezulu.

Kuzophinde kubhekwe ezinye izinselelo ezikhungethe imiphakathi ezikhathini zanamuhla ukuhlelela ukuqina, ukwakha amakhono ekuphathweni kwezinkinga ezibhekana nomphakathi, nokuthuthukisa amakhono azoqhubeka nokuqinisa umphakathi.

“Sithatha umthwalo onzima wokuba nobuholi obubonakalayo ekukhuleni kwekhono lokuhlela izindawo ezihlala njalo, futhi sizoqhubeka nokuhlinzeka ngemigomo esekelayo nokusebenza ngokubambisana namazwe omhlaba ukuze sibe nezinhlelo ezizokwazi ukumelana nezinselelo ezinzima esizibhekile njengohlanga”, kuqhubeka uNks. Molefe.

I-CBE inxusa bonke abathintekayo emkhakheni wezokwakha kanye nomphakathi ukuba babe ingxenye yale ngxoxo ebalulekile ukuze kubonakale izinguquko eziphambili ezikhuthaza imboni yokwakha.

Uma ufuna ukuba ingxenye yalo mhlangano ungabhalisa kuNks. Sinah Ndala ngaphambi kosuku lokuphela kokusebenza, mhlaka-4 Lwezi kuleli kheli le-email elithi: sinah@cbe.org.za noma ufonele le nombolo ethi: 078 423 1942.

Umthombo: Sivubela Intuthuko

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.