Imibono

UMA ISIKHATHI SESIFIKILE AKUKHO OKUYOMA ENDLELENI YAKHO

UKUSEBENZA ngokuzikhandla kufana nokutshala, ngoba kuba nezithelo ezinhle. Kuyenzeka empilweni udlule ezimeni ezinzima nezibuhlungu. Kuyenzeka Izinto zakho zithathe isikhathi ukulunga. Kokunye kube wukuthi nabantu obuthembile ukuthi bazokusiza bevele bahlehle okanye bengabonwa nangokhalo. Kusuke kuyisikhathi ezinzima leso kepha mina ngisithatha njengesikhathi okutshaleka ngaso izinto ozozivuna ngentokozo ngomuso. Ubuhlungu buyingxenye yempilo futhi buyakhulisa.

Ungabe usakhala ngalabo abangakusizanga, lokho kuthathe nje ngokuthi kwakudaliwe. Kuyasiza ukusizwa umuntu ongeke ahambe ezinweba ngawe. Umuntu ozohlale njalo ekukhumbuza ukuthi wakusiza. Abanye uJehova uyekela ngamabomu ukuthi bengakusizi ngoba uyayazi inhliziyo yabo.

Namuhla ngifisa ukukukhumbuza ukuthi uma isikhathi sakho sesifikile akekho oyovimba impumelelo yakho. Abanye bayothi yingoba unenhlanhla bese bekhohlwa ukuthi kukhona izinqumo owazithatha wasebenza ngokuzikhandla. Konke okwenzayo empilweni usuke utshala. Njengazozonke izikhathi nesokuvuna siyafika.

Bekezela siyeza Isikhathi sakho. Yebo mhlawumbe izinto zakho azikahlangani njengamanje kepha ngithi mina ungalilahli ithemba. Sekuzohlangana. Faka umfutho namandla futhi kuzolunga. Khuleka kakhudlwana, phusha kakhudlwana, ungalilahli ithemba. Asikho isikhathi nesimo esingadluli. Inhlupheko, ukuphoxeka, ukulahlwa nabobonke ubuhlungu kuyedlula. Nawe uzojabula Uma sekufike isikhathi sakho. Ziyosulwa lezonyembezi.
Bayeke bejabule, bayeke bephumelele kodwa yazi ukuthi UJehova usahlela okwakho. Ungagxili kakhulu ezimpilweni zabantu bese ukhohlwa impilo yakho. Khumbula ukuthi nawe unebanga lakho. Uma unaka kakhulu abanye abantu uzogcina uzibukela phansi uziqhathanise kungenasidingo. Lokho kuyobe sekudala umona nenhliziyo embi eholela ekuthakatheni.

Zikhumbuze ngamaphupho akho. Thatha izinyathelo kancane kancane ezibheke ekufezekiseni amaphupho akho. Ungafisi kakhulu izimpilo zabanye abantu ngoba ngeke umelane nezinqinamba abnazo ezimpilweni zabo. Futhi awazi ukuthi badlule kuphi ukuze bathole lokhu okubonayo.
Ungajahi kakhulu ngoba uzokwenza amaphutha. Zazi ukuthi uphumaphi, uzazi ukuthi ubhekephi bese uzethemba wethembe noMdali.
Uma ungezwani nobunzima awusoze uzuze lutho empilweni. Ubunzima buza nezifundo zempilo, buvula umqondo futhi buyakhulisana.
Ungabe usalilahla ithemba. Ungavumi ukwehluleka uze uphose ithawula entweni owazi kahle ukuthi izokusiza.
Kunabantu ababukela kuwe, Uma sewuyekelela bazolimala. Zama wehluleke kunokuthi uhluleke ukuzama.

Ubalulekile kubantu abaningi. Ubalulekile nakuMdali wakho. Umhlaba kawukukweleti lutho. Okwakho ukuthi uwukhombise ukuthi uphiwe umqondo wokucabanga futhi unamandla okwenza.

Kuyabakhona ukukhathala endleleni, kepha zikhumbuze izizathu ezenza ukuthi uze uqale. Kungani sewulahla ithemba. Usuzonqoba. Faka amandla, cabanga amasu amasha okunqoba. UnguMnqobi. Uzonqoba. Uma sesifikile isikhathi sakho izinto zakho zizohlangana. Kungathuleka manje kodwa nginesiqiniseko sokuthi UJehova uyazi ngawe. Uyazi ngemikhuleko yakho. Zizojabha izitha ngawe. Nalapho kungenaqhude khona kuyasa. UJehova uyamthatha umuntu ongelutho ambeke phambili ahlale namakhosi. Ngelinye ilanga uyongena ezindaweni lapho labo obucabanga ukuthi bangcono kunawe bengangeni khona. Ngiyamazi UJehova ngimbonile kweyami impilo. Uyalenza iqiniso uMvelingqangi kepha ulenza ngesikhathi sakhe. Kusazojabha izitha ngempilo yakho. Okwakho nje ukuthi uhlale emgqeni wempumelelo. Ungalahli indlela eya empumelelweni yakho.

Kuzolunga, kuze kube ngokuzayo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: bonimazwi@gmail.com

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.