EZISEMATHENI

KUDUTSHULWE KWAFA UMAMA PHAMBI KWEZINGANE (2)

KWENZEKE isihluku esishiye abantu bethukile ku-ward 102 e-Cornubia enyakatho yedolobha laseThekwini, KwaZulu-Natali emuva kokuba kudutshulwe kwafa umama izingane zakhe enonyaka owodwa (1) neneminyaka eyishumi nesithupha (16) zikhona endlini. Kuthiwa umama walezi ngane udutshulwe egeza egunjini lokugezela.

Isithombe: Ingane enonyaka owodwa esinde nodadewabo oneminyaka eyishumi nesithupha kubulawa unina

Kusize umakhelwane ozwe kuqhuma isibhamu wabiza abezimo eziphuthamayo ngezithuba zo-15:44 ngoLwesithathu ntambama. Ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo umama walezi ngane ubesaphila, elele phezu kwethantala legazi ebheke phezulu. Nokho kuthe besazama ukumsiza waphuma umphefumulo wakhe ngabo-16:04, nokubikwe ukuthi ubulawe inhlamvu engene ngeso ekhanda.

Ingane yentombazane eneminyaka eyishumi nesithupha esindile kulesi gameko ithe ngesikhathi ibuya esikoleni unina uyiphosele ukhiye wokuvula isicabha esiphumela ngaphandle ngefasitela njengoba yena ubesematasa eyongena egunjini lokugeza. Ithe ivule isicabha kwabe sekuqhamuka amadoda amabili engawazi esithubeni azongenisana kanye nayo endlini. Abe esekhipha izibhamu omabili, ayiyalela ukuba ingabangi umsindo noma ithuse umama wayo. Eyodwa ikhaphe yona nomfowabo ononyaka owodwa yabayisa endlini ephezulu.

Umsolwa oyedwa usale ezansi. Kuthe emuva kwesikhashana yezwa kuqhuma isibhamu amahlandla amabili. Umsolwa abezinyuke naye phezulu wazishiya ngokushesha lezingane ezibe sezehlela ezansi zamthola unina wazo egxaza igazi ekhanda.

Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko futhi asaphenywa imbangela yokubulawa kwalo mama.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.