EZISEMATHENIIzindaba

UPHUTHUNYISWE ESIBHEDLELA SEBEMGQIMUZE NGEQUPHA UBONGANI FASSIE

UMDIDIYELI womculi, uBongani Fassie oyindodana yomculi wakuleli owayecula i-Pop, u-Brenda Fassie iphuthunyiswe esibhedlela kukubi emuva kokuba engqimuzwe ngequpha umuntu ehilizisane naye edakiwe. kuthiwa uBongani uphuthunyiswe esibhedlela esisenyakatho yeGoli emuva kokulwa nomuntu endaweni yokuzijuxuza ngeSonto ebusuku.

Ngokusho komthombo obikele iziko le zindaba, iZimoja uthe uBongani usejuxuza kakhulu, nokuyinto esimenza ehlale edakwe njalo. “Bekukubi kakhulu, bekuphoqa ukuthi ayiswe esibhedlela ngoba ubesegxaza igazi kanzima”, kusho umthombo.

Umthombo uthe uBongani ushaye endaweni eyodwa nashawe kuyona ngonyaka odlule ngesikhathi eshawa umuntu ongaziwa emarobhothini, emgqwaqeni ose-Randburg khona eGoli. Uqhukeka uchaza umthombo uthe namanje uBongani ulwe nomuntu angamazi. “Asazi iqale kanjani ingxabano, kodwa sibone sekuqophiswana ngamagama, kwalandela iqupha. Inkinga uBongani akakwazi ukulwa, bavele bamshaya”, kusho lo mthombo owumngani.

UDLE IMALI ENGU-R400 000 WAYISHAYA WAYIVALA

Kuvela izindaba zokushawa kukaBongani nje kuthiwa usanda kuthola imali engu-R400 000 ezinyangeni ezimbili ezedlule wayidla yonke njengoba ubengapheli ezindaweni zokuzijuxuza. Ngokusho komthombo ubesephilisa okwe ‘nkosi’.

Kuthiwa uthathe izingane zakhe ezimbili, u-Brenda noBongani ebezihlala nowesifazane abelokhu ehlukana bebuye bebuyelane naye, uBuhle okuze kube manje azisayi esikoleni.

Emuva kokudla u-R400 000 uhlulekile ukukhokhela imali yendlu abeyiqashile ekhokha R17 500 ngenyanga, wabe esekhishwa ngoshova. “Ube esehlala endlini yomunye wabangani bakhe nalezingane zakhe ezimbili, kwaze kwaba ukuthi ufonela uChicco Twala omsize ngemali yokukhokhela indlu axoshwe kuyona.

Umthombo uthe ubesejuxuza kakhulu selokhu ethole le mali engu-R400 000. “Uyishaye wayivala wabe esephila ngokuboleka ngoba uyazi ukuthi usazothola enye imali”, kusho umthombo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.