KUTSHALWE R139M EMGWAQENI OZOLUNGISWA EMANDENI
KUZOSIZAKALA abantu abaningi uma sekuphothuliwe ukulungiswa komgwaqo u-D883 ngaphansi kukamasipala waseMandeni ozolungiswa umnyango wezokuthutha nowezokuhlaliswa kwabantu esifundazweni saKwaZulu-Natali. Umnyango uzosebenzisa imali engaphezu kuka-R139 million ukulungisa lo mgwaqo ozohlanganisa indawo yaseMandeni neyaseShowe.
Kuzothi ngoLwesibili mhlaka-29 Mfumfu 2024, umphathiswa walo mnyango uMnuz. Sboniso Duma azifikele mathupha eNdulinde ku-ward 6, KwaMKhize Sportsfield ngo-11:00 ekuseni ukuzokwethula ngokusemthweni usonkontileka ozolungisa lomgwaqo. Kuthiwa vele sekuzojwayeleka ukuthi uMnuz. Duma ethule osonkontileka abazolungisa imigwaqo kuso sonke isifundazwe njengoba ekubeke eqhulwini ukuvuselela imigwaqo exhumanisa imiphakathi esezindaweni zasemakhaya.
Abantu abahlala ngaphansi kwezizwe zamakhosi akulezi ndawo esingabala phakathi kwabo othisha, izingane zesikole, abahlengikazi, abamatekisi kanye namalungu omphakathi nabo bazozuza njengoba sebezokwazi ukuhambelana ngaphandle kwezinselelo zomgwaqo onezikhisi. Akungabazeki futhi ukuthi ukwakhiwa kwalo mgwaqo kuzophinde kudale amathuba emisebenzi kubantu abahlala kulezi ndawo, abazoqashwa besebenze nabangosomabhizinisi.
Emcimbini wokwethulwa kukasonkontileka uMnuz. Duma uzobe ephelezelwa imeya kamasipala waseMandeni, ukhansela uMnuz. Thabani Mdlalose, iNkosi yakwaMhlongo nabanye abaholi bomphakathi kanjalo namalungu omphakathi.