KUBOSHWE (3) ABEBESHADISA ABAKULELI NABOKUFIKA
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natali ahlasele ehhovisi elisemgwaqeni u-Mathews Meyiwa e-Greyville eThekwini ngoMsombuluko emuva kokulunywa indlebe ukuthi kunabathile abasebenza njengomnyango wezasekhaya lapho benza izitifiketi zomshado phakathi kwabakuleli nabokufika abangenamvume yokuba kuleli. Kuthiwa laba bebethola omazisi babantu besifazane bese bebashadisa nabesilisa bokufika bona bengazi, lokhu bebekwenza besizwa umsebenzi womnyango wezasekhaya.
Emuva kokwenza uphenyo lwesikhashana amaphoyisa abe esebopha abantu abathathu abasebenza kulo leli hhovisi, athola nokuthi ubani umsebenzi womnyango wezasekhaya obesebenzisana nabo laba.
Kuthiwa kuleli hhovisi kutholakale imishini nezigxivizo ezenza kubukeke sengathi ezangempela izitifiketi ezikhishwa yilona. Kuthiwa lezitifiketi zomshado bezisiza abokufika ukuthi bekwazi ukwenza amaphepha abagunyaza ukuba nobuzwe kuleli.
Kuthiwa abasebenzi baleli hhovisi bazame ukudabula ezinye izitifiketi ebezilinde abanikazi bazo ukuze kudidiseke ubufakazi kwasho ukuthi lokho bakwenze isikhathi sesingasekho ngakubona.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natali, u-Col. Robert Netshiunda uthe: “Abasolwa bebekwazi ukuthola omazisi babantu besifazane baseNingizimu Afrika, bebashadise nabesilisa bokufika abangabazi futhi abangenawo amaphepha asemthethweni okuba kuleli. Laba besilisa bebebhalisa ubuzwe bakuleli uma sebeshadisiwe nabesifazane bakuleli.
“Uphenyo lwesikhashana luholele ekutheni sikwazi ukuthola umsebenzi womnyango wezasekhaya abebesebenzisana naye laba. Kusengenzeka sibophe abantu makuqhubeka uphenyo”.
Amaphoyisa ashaqe ama-form ezicelo ebesezifakiwe kuleli hhovisi, omazisi neminye imishini ebisetshenziswa ukwenza lobu gebengu. Kwabathathu ababoshiwe, amadoda amabili aboshwe icala lenkohlakalo, kwathi oyedwa wesifazane waboshelwa icala lokucisha ubufakazi ngokuthi azame ukudabula izitifiketi ebese zenziwe azilahle emgqonyeni wemfucuza.