Imibono

OKWENZIWE UMKHWEBANE KUYAFANA NOKUSUKA ELANGENI ELISHISAYO UYOZITHI SHI EKLOBENI LOMLILO

NGESONTO elidlule saziswe izindaba ngesinqumo sokujoniya uMkhonto Wesizwe kukaBusisiwe Mkhwebane. Lokhu akubathusanga abaningi ngoba vele bekunezinsolo futhi nezinkomba ezisobala ukuthi ushiya ku-Economic Freedom Fighters (EFF) nje ingoba uyojoyina ezikaMsholozi [uJacob Zuma]

Ziningi izizathu azibalile ezimenze ukuthi athi uyashiya ku-EFF. Okuyisona esingenze ngakhetha ukubhala ngalolu daba ilesi sokuthi athi; ushiye ku-EFF ngoba ubengasetshenziswa ngendlela. Ngamafuthi ubekholelwa ukuthi amagalelo akhe abukelwa phansi ngenxa yokuthi akalalelwa.
Lokhu kungenze ngacabanga ngajula. Ukucabanga kwami bekumayelana nemibuzo ebenginayo ngalesi sitatimende sowayenguMvikeli womphakathi. Ngizibuze ukuthi uma ekhala ngokuthi ubengalalelwa ku-EFF futhi amagalelo akhe abenganakiwe, yini emenza abone ukuthi lokho kuzoshintsha kuMkhonto Wesizwe.

Ngaphambi kokuthi nize nezagila, ake niqale nizwe ukuthi ngikusho ngani lokhu. Ngokwami, i-EFF noMkhonto Wesizwe uyafana. Kuzona zombili lezi zinhlangano kukhala isicathulo somuntu oyedwa, labo ngabaholi bazo lezi zinhlangano. Ngokocwaningo engilwenzile ngaphambi kokubhala lolu daba, kungikhanyelile ukuthi uMkhonto weziswe mubi kakhulu uma uqhathanisa ne-EFF.

Leya inhlangano yakwaZuma futhi zonke izinqumo zithathwa nguye. Uyena okutshela ukuthi gxuma, hleka noma dinwa. Manje-ke yini eyenza ukuthi uMkhwebane abone ukuthi uzoba negalelo enhlanganweni enjalo. UMsholozi uyaziwa ngokukhombana indlela ikakhulukazi uma ungenzi akushoyo. Lokhu sasimbona ekwenza esanguMengameli wezwe, lapho sasilala kunongqongqoshe ngakusasa sivume esexoshiwe kunomunye.
Ngokwami lesi sinqumo sakhe sokujoyina uMkhonto Wesizwe asikho mayelana nalokhu asitshela khona kodwa simayelana nepolitiki kanye nokulandela ibhodwe eliconsayo. Lokho akunankinga futhi kuyilungelo lakhe kodwa akangacashi ngesithupha abike izaba.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.