KUKHISHWE INCWADI YOKUBOPHA ULONGWE TWALA
INKANTOLO yase-Randburg eGoli ikhiphe incwadi yokubopha uLongwe Twala oyindodana yomdidiyeli womculo owaduma ngeminyaka yama-80’s, uChicco Twala. Le ncwadi yokubopha uLongwe ikhishwe ngoLwesihlanu emuva kokuba engafikanga enkantolo ebihlalele icala lakhe. ULongwe uboshelwe icala lokweba imishini kayise yokuqopha umculo engabiza imali engu-R200 000.
Ukhiswe ngesexwayiso mhlaka-25 Mandulo inkantolo, i-Randburg Magistrate’s Court emuva kokufaka isicelo se-bail, icala labe selihlehliselwa umhlaka-25 Mfumfu. Yize engayitholanga i-bail kodwa inkantolo yamdonsa ngendlebe ukuthi uzokhululeka ngaphansi kwemibandela efana nse neye-bail.
“Mnuz. Twala, ngikukhulula ngesexwayiso. Uzobuya kule nkantolo ngoMfumfu. Kufanele ufike ngesikhathi, manje usungaya ekhaya”, kusho imantshi u-Abdul Khan.
Ummeli omusha kaLongwe ucele ukuba lihlehliswe leli cala ukuze axhumane naye futhi azijwayeze neminye iminingwane yalo njengoba esazofaka isicelo se-bail. ULongwe uboshwe emuva kokweba imishini kayise yokuqopha umculo emzini wakhe ose-Fourways eGoli ngoMandulo nonyaka ngesikhathi [uyise] esohambeni lwase-Unites States (US).
UChicco ube esevulela amadodana akhe amabili, oLongwe noSello icala lokweba. Badedeliwe emuva kokuvela kafushane enkantolo. USello ukhululwe i-National Prosecuting Authority emuva kokuba ithe ayinabo ubufakazi obanele bokumshushisa ngaleli cala.
“Ngihlalile namadodana ami ngaphambi kokuba ngilibhekise e-US. Lokhu ngakwenza ngoba ngangazi ukuthi uLongwe angase enze izinto ezibheke eceleni”, kusho uChicco.
“Ngiyamazi, uyindodana yami. Yize ngimthanda kodwa ngincamela ukumbona eboshiwe. Noma ngabe isigwebo sikadilika jele noma esani kunokuthi ngimbone elokhu ehla enyuka ehlubule emgwaqeni futhi ehlukumeza nabanye abantu”, kusho yena.
Eqhubeka echaza uChicco uthe indodana yakhe inenkinga yokudla izidakamizwa, futhi useke wazama ukuyinika usizo. “Useye esikhungweni esihlumelelisa izimilo amahlandla angamashumi amathathu (30), angisazi nami”, kusho yena.
UNTSHONTSHE UMAKHALEKHWINI KADADEWABO
Iphephandaba i-City Press libike ukuthi kunezinsolo zokuthi uLongwe webe umakhalekhukhwini kadadewabo ahlala naye kuleli sonto. Ngokwemibandela yokukhishwa kwakhe inkantolo, wabhalisa ukuthi uzohlala emzini kadadewabo.
Udadewabo kuthiwa uhlela ukumvulela icala lo kweba nokuyinto ezomdalela amazinyo abushelelezi. Kusolwa ukuthi untshontshe umakhalekhwini kadadewabo ukuze athenge izidakamizwa nokuyinto ephambene nombandela akhishwe ngawo.