Izindaba

OBESEYIPHARA UTHOLA ITHUBA LESIBILI EMPILWENI

UMLINGISI obesephenduke iphara ngenxa yezinkinga zempilo, u-Innocent Masuku usethole ithuba eliyingqayizivele lokubuyela kumabonakude njengomethuli wohlelo oluthi Buyel’ Ekhaya kuMoja Love. Lo mlingisi unikwa leli thuba nje ubesengene wathi shi ezidakamizweni ezicishe zaqeda ngekusasa lakhe.

UMasuku ugqame esadlala ku-Yizo Yizo eyayidlala ku-SABC 1, edlala indawo kaBobo obebuye abizwe ngoBakstina.

Uhlelo azolwenza uMasuku luzogxila ekusizeni abantu abayizinhlwa, abahambe behlala benyuka emgwaqeni futhi abangenamakhaya ukuba bebuyele emindenini yabo. Leli thuba alitholayo liwubufakazi bokuthi likhona ngempela ithuba lesibili futhi abukho ubunzima noma ngabe kunzima kungakanani okungadluleki kubo.

Okwezokwazisa kwiMoja Love, uNonzwi Cekete ukuqinisekisile ukubuyeka kukaMasuku kumabonakude, waphinde wadalula ukuthi uhlelo luzoqala ngomhlaka-18 Masingana 2025 ngehora lesishiyagalolunye (21:00) ebusuku.

“Siyisiteshi esikholelwayo ekunikeni abantu ithuba lesibili ngakho sikhulume naye. Ababukeli bengalindela ukubona imindeni ihlangana nabathandiweyo bayo. Indlela ezohanjwa inezikhisi namajika kodwa isiphetho lapho imindeni ihlangana khona nabathandiweyo yabo siyajabulisa futhi ilokho esikuhlosile”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.