IzindabaUmculo

IMPI YAMAZWI USIZWE DHLOMO NO SLIKOUR BEBANGA AMAQEMBU ‘ANSWEMPU’

SEKUSUKE umsindo wokuqagulisana ngamagama phakathi kosaziwayo ababili kuleli, oSizwe Dhlomo (osesithombeni sokuqala) ongumsakazi weKaya 959 nomculi uSlikour (osesithombeni sesibili). Ingxabano yalaba isuke ngesikhathi uSizwe ephawula ekhasini lakhe ethi, ngokwakhe iqembu elinswempu ku-Hiphop futhi okungekho elinye iqembu lomculo eliyofika ezingeni lalo, i-Teargas. USizwe uncome leli qembu waze walifanisa ne-Fugees eyaduma ngeminyaka yama-80’s e-South Orange, e-New Jersey ihlanganiswe o-Lauryn Hill, Wyclef Jean no Pras Michel.

USizwe uqhubeke wathi uyakuqaphela ukungenisa kweSkwatta Camp asifanise neqembu iWu-Tang kodwa wabalula ukuthi ngeke lifike ezingeni le-Teargas.

Le nkulumo inyakazise uSlikour owayeyilungu leSkwatta Camp othe: “Ngeke mina ngingene kwinkulumo-mpikiswano yokuthi iliphi iqembu elalilikhulu kunelinye kodwa lowo mbono ulawulwa isikhathi nesizukulwane amaqembu agqama kuso”, kusho uSlikour.

Uthe omabili amaqembu i-Teargas ne-Fugees abe neqhaza elibonakalayo ekugqamiseni isiko nomculo we-Hiphop futhi awufaka emakethe yomculo ngesikhathi sawo.

Le nkakha engumrepha osenesikhathi eside eyibambile emculweni wakuleli iqhubeke yancoma amaqembu nabaculi abafana no-HHP, Jozi, Morafe, H2O nabanye ngokuklama indima yesizukulwane sabaculi abeza emuva kwabo.

“Sonke besinenhloso eyodwa futhi nomsebenzi ofanayo kodwa lokho sikwenza ngesikhathi sezizukulwane ezingefani”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.