Imibono

IMPI ELWA BUTHULE IQOTHA IZINGANE, ABADALA BAYIZIBUKELI

MUVA nje seziningi izigameko zokufa kwezingane zibulawa ukudla ama-snacks nokunye ukudla ezikuthenga ezitolo zabokufika base-Pakistan ezakhiwe emalokishini naseduze kwezikole izingane ezifunda kuzona. Noma singenayo inombolo eqondile yezingane ezishone emuva kokudla ukudla ezikuthenge kulezi tolo kodwa abezindaba sebebike kakhulu ngalezi gameko ezenzeke kakhulu ezifundazweni iGauteng neKwaZulu-Natali.

Esigamekweni esithuse abaningi kushone izingane ezinhlanu zaseNaledi ezithenge ama-snacks esitolo esikule ndawo emuva kwesikhashana zagula zashona, kwathi eyesithupha ephuthunyiswe esibhedlela izibhonqa yashonela khona emuva kwesonto ingenile.

Esinye isigameko senzeke e-Bronkhorstspruit lapho kugule izingane ezingamashumi amabili nanhlanu emuva kokudla ama-snacks eziwathenge kuzo lezi zitolo. Ngokusho kokhulumela abahlali bakuleya ndawo ongadalulwanga igama lakhe uthe bangenile kuzo zonke lezitolo bathola ukuthi lama-snacks adayiswayo kuzo awanawo usuku olubhaliwe azokonakala ngalo.

Kwenye indawo e-Vredeford kufe izingane ezimbili emuva kokudla lama-snacks kanti ezinye izigameko ezifanayo zenzeke KwaZulu-Natali.

Okwenzalayo ukuthi amaphoyisa ayangena kulezi tolo uma enemikhankaso yokuzihlola kodwa uma esehambile abanikazi bazo bayaqhubeka nokudayisa kube ngathi akonakele lutho.

Sibona ukuthi sekufanele kuthathwe izinyathelo ezinqala manje ukubhekana nalesi simo esesibhebhethekise okomlilo wequbulo. Siyasola ukuthi kunempi ebhekiswe kwabakuleli kodwa kubhekwene ngqo nezingane ezingenamandla okuthatha izinqumo nokuzilwela.

Umhleli woMkhaya sekukudala ekhuluma ngale mpi ebhekiswe kwabengabadi yilabanikazi bezitolo, kakhulu abasemazweni afana no-Pakistan, Somalia namanye amazwe angomakhelwane akulamazwe.

Abazali bezingane abangabi izibukeli eziphakama kuphela uma sekwenzeke umonakalo. Impi ingene, kuqothwa zona izingane lezi eziyikusasa lezwe lethu, isizwe lethu, imiphakathi yethu kanye nemindeni yethu. Akunyakazwe kufakelwe uhulumeni ingcindezi ukuze aqale iminyakazo ebonakalayo yokulwa nale mpi ebhekiswe ezinganeni zabampisholo.

Uma kufa izingane zethu kanje ikusasa kanye nenqaba esiyakha manje akuzoba namvikeli ngoba abafika kuleli zwe bethi bazozama impilo ibona abayizitha zekusasa lethu. Siyothi siphaphama bayobe sebeliphethe izwe kanye nezigodi zamakhosi esihlala kuzo.

Ngiyazi ukuthi nathi lapha ezweni lethu sithwele kanzima ngenxa yokungabibikho kwamathuba emisebenzi nokunye kodwa kumele siqaphele abokufika bengangeni ngenxeba futhi besebenzise ubuthaka bethu ukusiqotha. Asihlangane sime ndawonye sithi othinta izingane zabampisholo uthinta bonke abampisholo.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.