EZISEMATHENIIzindaba

BAZOCISHELWA UGESI ABANGAWUTHENGI KUSUKELA NGOLWEZI

INKAMPANI ephakela ugesi eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane, i-Eskom ikhuthaza izakhamizi zakuleli ukuba zibambisane nayo ohlelweni lwayo lokuthuthukisa ukusebenza kwezigubhu zikagesi. Lokhu kwenzelwa ukuthi uma seluphotholwa lolu hlelo ngomhlaka-24 Lwezi abasebenzisi bakagesi bengazitholi sebehleli ebumnyameni.

I-Eskom ishintsha uhlelo lokufakwa kukagesi ezigujini oludala isingena kolubizwa nge-Key Revision Number (KRN). Emuva komhlaka-24 Lwezi bonke abangazishintshile izigubhu ukuze zamukele lolu hlelo ngeke zizamukele izinombolo zokuthenga ugesi kusukela ngalolu suku.

Le nhlangano ithe lolu hlelo ekhuluma ngalo luthinta amakhasimende ayo angaphezulu kuka-6.9 million. “Uma amakhasimende ehluleka ukubambisa kulolu shintsho esiza nalo kuzoba nenselelo yokuthi angakwazi ukufaka ugesi azobe ewuthengile ezigujini”, kusho i-Eskom.

Ngokwe-Eskom asemaningi amakhasimende ayo angakalwenzi ushintsho ezigujini zawo nokusolakala ukuthi iningi lawo ingoba vele awawuthengi njalo ugesi ngezizathu ezihlukene. Izizathu ezingenza ukuthi amanye amakhasimende angazintshi izigubhu zawo kuze kube manje ingoba athenga ugesi omningi kakhulu, asemaholidini futhi ashiya ethenge ugesi omningi noma awawuthengi nhlobo ngoba awukokotele.

Ithe ukwenza izinto zibe lula isikwaze ukushintsha ohlangothini lwayo izigubhu ezingu-97%, osekusele ukuthi amakhasimende abambe elawo iqhaza ukuze izigubhu zawo zibe sesimeni sokwamukela uhlelo olusha. Okudingeka ukuba kwenziwe amakhasimende ukuba athenge ugesi ezindaweni ezisemthethweni zokuwuthenga. Emuva kwalokho azothola izinombolo ezingamashumi amabili ezingamaqoqo amabili, azozifaka zonke ezigujini bese ziba sesimeni sokusebenza futhi zamukele ugesi othengiwe.

I-Eskom idalule ukuthi isiyaqeda ngohlelo oludala lokufaka ugesi olubizwa nge-Standard Transfer Specification (STS) nokuzothi kusukela ngomhlaka-24 Lwezi lungabe lusasebenza. Okusho ukuthi uma kusenogesi osele esigujini ngomhlaka-24 Lwezi nangemuva kwalolo suku uzothi mawuphela bese isigubhu siyayeka ukusebenza.

Isigubhu sikagesi esingalulandelanga uhlelo lokushintsha oluchazwe ngenhla ngeke sisawamukela ugesi othengiwe.

I-Eskom inxuse amakhasimende ayo ukuthi axhumane namahhovisi ayo kanye nawomasipala ukuze achazelwe kabanzi ngokumele akwenze ukuze angazitholi esehleli ebumnyameni emuva komhlaka-24 Lwezi. Isikhathi sokwenza konke lokhu ngeke selulwe.

Okhulumela i-South African Local Government Association (SALGA), uSivuyile Mbambato ukuqinisekisile ukuthi izikhungo ezizolulelwa isikhathi ilezi ezidayisa ugesi kuphela, nakhona ngoba kufanele zinikezwe isikhathi esanele sokushintsha ubuxhakaxhaka bokusebenza. “Kafushane nje, isikhathi sizolulelwa omasipala kanye nezikhungo ezisemthemthweni ezidayisa ugesi, hhayi amakhasimende”, kusho uMbambato.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.