ZIZOSHUKUMISA I-TURFLOOP KU-SKEEM SAAM IZINKAKHA ZE-TV
UMDLALO ohamba phambili ku-SABC 1ngokuba nezifundo empilweni, i-Skeem Saam uzojoyiswa abalingisi asebemnkantshubomvu kwezokulingisa abazoshukumisa i-Turfloop. Kuvele izindaba zokuthi izinkakha zabalingisi o-Warren Masemola no-Lesley Musina maduze zizoba ingxenye yalo mdlalo.
UMasemola uzodlala indawo kaGopane, okungumhlali waselokishini lase-Turfloop owahamba waya eGoli eyohlanganisa impilo ngokushayela amatekisi. Usethushuka emuva kwezinyanga ahamba emuva kokuba indodana yakhe iye yanyamalala ngendlela engaqondakali.
Le ndoda isazonyakazisa abantu e-Turfloop njengoba ukuthola iqiniso ngokunyamalala kwendodana yakhe ngendlela engaqondakali.
Ekhuluma ngokuba ingxenye yalo uMasemola uthe: “Kuhle konke. Ngizizwa sengathi ngiseLimpopo. Ukuba umfana okhululele edolobheni laseTshwane, ukuba kwi-Skeem Saam kwenza ngizizwe sengathi ngibuyele lapho engakhulela khona”, kusho yena.
Omunye ozojoyina i-Skeem Saam u-Lesley Musina owaduma edlala kaNdalamo kuMuvhango okuwumdlalo oboniswa ku-SABC 2 yena uzolingisa indawp kaFefo. UFefo uzoza nezinkinga empilweni kaMnuz. Kgomo no Melita,
UFefo indoda ejwayelekile nje, ebukekayo futhi enethonya kodwa okuzothi kusuka kuvele izinto ezethusayo ngayo njengoba inenhliziyo embi futhi inodlame olwesabekayo.
“Ukudlala ku-Skeem Saam kube ukufezeka kwephupho. Umdlalo omnandi kakhulu. Wonke umuntu laphana ufudumele futhi ngizizwe ngisekhaya ngifika ngesikhathi ithimb labadidiyeli nabalingisi bengamukela ngezandla ezimhlophe.
“Ngathi kade ngabakhona”, kusho u-Lesley.
Laba bobabili, uMasemola noMusina bazobonakala kulo mdlalo kusukela ngomhlaka-4 Lwezi no-20 Lwezi ngokulandelana.