EZIKAMABONAKUDEIzindaba

USUFIKE ESIPHETHWENI UMDLALO WAKU-ETV ISIPHETHO-DESTINY

EMUVA kwezinyanga eziyisishiyagalolunye umdlalo Isiphetho-Destiny uboniswa ku-eTV, sewufike emaphethelwni njengoba ingeke isaqoshwa i-season elandelayo. Abesiteshi i-eTV nabo sebekuqinisekisile ukuthi angeke ibe khona i-season yesibili yawo lo mdlalo.

Isiphetho besinabalingisi abahamba phambili kuleli njengoGugu Gumede, Linda Sokhulu, Mjosti Mbhele noMbalenhle Mavimbela nabanye abaningi.

Lo mdlalo uzobonakala kuze kube umhlaka-4 Ndasa 2025. Ongumphathi emnyangweni wemidlalo evutshelwe ekhaya, uVuyelwa Booi uthe isiteshi sithanda ukubonga kwabe-Black Brain Pictures ngokuzimisela kwabo ngokuxoxa indaba eyenzeka emiphakathini, ubungani kanye nokuthola ithuba lesibili empilweni. “Indaba ebiheha yabangani abane baseMzimhlophe iyahambisana nempilo ephilwa ababukeli njengoba ibiqubula ingxoxo kubantu futhi ibenze bahlale komabonakude babo”, kusho yena.

Umdidiyeli omkhulu we-Black Brain Pictures, uMpumelelo Nhlampo uthe kube ithuba elihle kakhulu kubona ukuba benze lo mdlalo. “Sifisa ukuphinde sibonga kakhulu kulo lonke ithimba lawo lo mdlalo ngomsebenzi wokuzikhandla abakubonise siqopha. Kwenze Isiphetho-Destiny saba nempilo”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.