EZISEMATHENIIzindaba

USIYA KOLISI NOBENGUMKAKHE SEBEZOBA NGABANGANI KUPHELA

KUBE indabamlonyeni ukuvela kwesitatimende ebesibhalwe ngokuhlanganyela u-Rachel Kolisi nobengumyeni uSiya Kolisi lapho abebedalula khona izindaba zokugqashuka kwefindo lo mshado wabo. Laba abebengabashadikazi abathandwayo kuleli bashade ngo-2016 bathola abantwana abane abahlala nabo kanye nezingane zakwabo ezimbili abahlala nazo.

Esitatimendeni esifakwe u-Rachel ekhasini lakhe le-Instagram, laba baveze ukuthi into yabo isizophelela ekubeni abangani abakhulu kuphela nokho bathe bazoqhubeka nokukhulisa izingane zabo ngothando abebevele bezinakekela ngalo.

Bathe bazoqhubeka nokusebenza ndawonye enhlanganweni abayisungula iKolisi Foundation, nokuyinto eyigugu kubona bobabili. Le nhlangano ibinganyelwe u-Rachel, esebenza njengomphathi owumqondisi kuyo.

Babonge umphakathi ngothando, ukuqonda, kanye nokubeseka ngaso sonke isikhathi, babe sebenxusa umphakathi ukuba ubanike ithutshana lokudlula kulesi simo.

Izimpukane ezikuhlaza sezipotshoze ukuthi okuhlukanise laba ukuthanda kakhulu isiketi kukaSiya ongukaputeni weqembu lesizwe lebhola lombhoxo kuleli, amaBhokobhoko, nokuyinto enenge kakhulu umkakhe njengoba eseyibekezelele isikhathi eside.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com