Imibono

PHUMA ESIXUKWINI KUZOKHANYA

NAMUHLA ngifisa ukukhuluma ngokubaluleka kokubhekisisa abantu ophila nabo nomthelela wabo kweyakho impilo. Empilweni inhloso enkulu esinayo ukuthi siphile kufezeke amaphupho esinawo ngezimpilo zethu. Akekho umuntu ongafuni ukuphila impilo entofontofo (soft life).

Ngifisa ukukukhumbuza mfundi walengosi ukuthi unamandla okuzikhethela indlela ofisa ukuphila ngayo. Isinqumo nesinqumo osithathayo empilweni yakho sinomphumela. Ekuphileni kwami ngike ngabona abantu abaningi belahlekelwa ngamaphupho abo ngenxa yokulandela izixuku ezingabayisi ndawo. Into elimaza ngokuba sesixukwini ukuthi izinga lokududana likhulu kakhulu. Isixuku siyaminyanisa. Ngike ngabona abantu abaningi bengena ezinkingeni ngenxa yezixuku bese umuntu egcina esala yedwa enkingeni. Uma usesixukwini izwi lakho alizwakali futhi amandla akho awabonakali ikakhulukazi uma ungelona igongo laleso sixuku. Kuyenzeka unindeke ngakho konke isixuku esiyikho nesikwenzayo.

Empilweni kubalulekile ukukwazi ukuthatha izinqumo ezibalulekile ngempilo yakho. Yazi ukuthi ufunani kanti futhi leyonto uzoyithola kanjani. Isixuku siyixova siyiqede impilo yomumtu ongazazi ukuthi ufunani empilweni ohlale enza lokho okushiwo ilabobantu nje kuphela. Esixukwini kugcwele izinhlobonhlobo zabantu, abanye ungazitshela ukuthi bayakuthanda kanti cha wonke umuntu uzifunela okwakhe. Uma usuqala ukwenza kancono kunabo bazothi sewushintshile futhi sewuyazitshela. Isixuku sifuna ulokhu usazisa ngakho konke okwenzeka empilweni yakho ngoba uma ungabatsheli bazothi usuyabafihlela.

Khumbula ukuthi empilweni khona abantu abajabulayo uma uphumelela okanye wenza ngcono kodwa ke hhayi ukwedlula bona. Inzondo iqala uma sewenza ngcono okwedlula bona. Lapha-ke angisho ukuthi umuntu engabi nabo abantu aphila nabo kodwa qaphela ukuthi banamthelela muni empilweni yakho. Uma nihlangene ngokudicilela abantu phansi, nihlangana ngamagama abantu, nihlale njalo nikhalaza ngempilo, nizonda abazamayo lobo budlelwano benu abuyindawo. Kusho ukuthi akukho ukukhula kuleyondawo.

Bakhona abantu abahlangana ngokuhle bahlangane ngamasu okushintsha izimpilo zabo befune impumelelo.

Wena nabangani bakho nidume ngani? Abangani bakho banamthelela muni empilweni yakho? Uke ube naso yini isikhathi lapho uke ube wedwa khona ucabange ngezinto ofisa ukuzenza empilweni yakho? Uyakwazi yini ukuthatha ezakho izinqumo eziqondene nawe?

IsiZulu sithi iningi liyabona ububende. Phuma esixukwini. Ungaphiki nomhlambi kazelusile kodwa bheka ukuthi ubudlelwano onabo nabantu bukusiza kuphi. Isikhathi asimile futhi iminyaka iyahamba. Ungakhohlwa ukuzibeka phambili nawe ungahlali njalo ucabangela ukuthi abantu bazothini kodwa impilo yakho ibe imile.

Kuze kube ngokuzayo, uJehova anigcine njalo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.