IBOSHIWE INDODA EDLWENGULE AMADODAKAZI (2) ESENDE LAYO
AMAPHOYISA abophe indoda eneminyaka engamashumi amane nanye (41) yaseMalelane eMpumalanga emuva kokudlwengula amadodakazi ayo amabili ewazala esendeni. Le ndoda ivele enkantolo iNkomazi Magistrate’s Court ngoMsombuluko mhlaka-21 Mfumfu ngecala lokudlwengula lama dodakazi ayo aneminyaka eyisithupha neyishumi ngokulandelana.
Kwenziwe uphenyo lwesikhashana, izingane zabe sezithathwa ziyiswa esikhungweni sezempilo lapho ezigcinwe khona kusaqhutshekwa nophenyo. Uphenyo lube seluholela ekuboshweni kukayise wazo izingane ngomhlaka-19 Mfumfu.
Kusolwa ukuthi lesi gameko senzeke ekhona unina wezingane, okungenzeka kodwa ukuthi akasibonanga njengoba wayebukela umabonakude noma wayelele ngaleso sikhathi ezazidlwengulwa ngaso izingane.
Lezingane ezidlwengulwe ile ndoda nezinye eyentombazane kanye neyomfana ziyiswe endaweni ephephile.
Oyibamba likakhomishane wamaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, u-Major General Zeph Mkhwanazi uthinteke kakhulu ngokwenzeka kwalesigameko, wabe esegxeka zonke izenzo zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane okungenzeka zibe sekhaya noma kuyiphi indawo. U-Major General Mkhanazi ube esencoma amaphoyisa ngokubopha umsolwa, wabe esethi ubulungiswa buzokwenziwa egameni lezingane.
Umthombo: Sekhona Newspaper