EzosaziwayoIzindaba

ULELETI KHUMALO NOMYALEZO WOKUGUBHA 12 WEMINYAKA NOWAKWAKHE

UMLINGISI uLeleti Khumalo ukhombise ukuthokozela umyalezo wothando abewubhalelwe umyeni wakhe njengoba begubha iminyaka eyishumi nambili beshadile. ULeleti oke washada nomculi, umbhali nomdidiyeli wezingoma obephinde abe umbhali wamafilimi, uMnuz. Mbongeni Ngema ongasekho ukhumbule isikhathi ahlangane nomyeni wakhe omusha, u-Winston Khanyile nokuthi lowo mzuzu behlangana usuhambe ibanga elingakanani ukuguqula izimpilo zabo bendawonye.

Ukugubha le minyaka yothando kusho lukhulu kumyeni wakhe njengoba echaza ukuthi lungelinganiswe nalutho uthando olulethwa uLeleti emndenini wabo.

ULeleti wabelane nabalandeli bakhe ku-Instagram umyalezo othinta inhliziyo obuvela kumyeni wakhe nokungamagama amnandi abemvusa ngawo abethi: “Inombolo 12 akuyo inombolo embi angithi? Kusezwakala sengathi kunamuhla ngesikhathi sihlangana ebhanoyini i-737. Wawungeve ubukeka umuhle kule ngubo yakho ebomvu owawuyifakile ye-linen kanye nehembe.

“Ukumamatheka ebusweni bakho kwangenza ngantekenteke, kwakungokokuqala ngqa empilweni yami ukuthi ngingazi okumele ngikusho”, kusho yena.

Kulolu hambo lwabo bendawonye umyeni kaLeleti uqhakambise izinkumbulo ezibenze bayimbumba kule minyaka edlule. Ubalule iqhaza lakhe, hhayi njengenkosikazi kuphela kodwa njengomngani owesekanayo nomama onakekelayo.

ULeleti ubhale ekugcineni komyalezo abekhombisa kuwo ukuthi umyeni wakhe umbhaleleni ukuthi: “Ngiyabonga Khanyile, Ngwane..”

Njengoba bekulindelekile abantu baphawulile njengoba omunye ethe: “Siyanibongela, uNkulunkulu othembekile uzonibusisa ngeminye eminingi ngegama likaJesu”.

“Ngiyakubongela Leleti, thandaza kakhulu sthandwa sami emzini wakho”, kusho omunye.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.