EZOMPHAKATHIIzindaba

I-WOOLWORTHS INIKELE NGOKUDLA KUKA-R816M KWABASWELE

EMIZAMENI yokulwa nenkinga yokuntula emiphakathini kanye nokugwema ukuchitha ukudla, isitolo segrosa i-Wollworths sinikela ngezijumbane zokudla ezingu-56 million kubantu abangathathi ndawo ezweni lonke.

Babalelwa ku-16.3 million abantu baseNingizimu Afrika ababhuqwa indlala usuku nosuku. I-Woolworths ithathe isinyathelo sokunikela ngokudla okungabiza u-R816 million ngonyaka odlule wezimali.

Isithombe: Izijumbane zokudla zinikelwe isitolo sakwa-Woolworths kwabaswele ngonyaka odlule wezimali

Lesi sitolo sithi lokhu sikwenza sibambisene ne-FoodForward SA, ukuze sibe ingxenye yokulwa nendlala kanti ngakolunye uhlangothi kube kugwenywa inkinga yokuchithwa kokudla ngoba sekubolile.

INingizimu Afrika ichitha amathani okudla abalelwa ku-10 million njalo ngonyaka, nobekuyinkinga enkulu njengoba bebangaka abantu abanganikezwa khona kungakonakali.

I-Woolworths isanda kukleliswa endaweni yeshumi nesikhombisa (17) nezitolo ezithenjwayo emhlabeni kwezingamashumi amahlanu nambili (52) ebincintisana nazo. Muva nje isanda kuklonyeliswa yi-Brand Africa ngendondo ye-Most Admired Brand. Lendondo iyithole ngegalelo layo lokunakekela umhlaba, abantu kanye nemvelo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.