Izindaba

ABASE-DOLPHIN COAST BAKHALA NGEZINKINGA EZIDALWA ABEMIJONDOLO

INHLANGANO yabahlali base-Dolphin Coast, KwaZulu-Natali, i-Dolphin Coast Residents and Ratepayers Association (DOCRRA) inxenxa ukwesekwa izakhamizi ezakhele leyandawo emuva kokuba iqale umkhankaso wokusayisa i-petition ezonikwa umasipala wakwaDukuza iwuphoqa ukuba uqinise imithetho kubantu abahlala emijondolo eseduze kwaseMhlali Country Club.

Lo mkhankaso uqalwe emuva kwezikhalazo eziningi ngezokuphepha nezempilo eziphakanyiswe abahlali abangaphansi kwale nhlangano ngenxa yomsindo, ubugebengu namabhizinisi angekho emthethweni aqhutshwa kule ndawo.

Izakhamizi zikhala kakhulu ngomsindo oqhamuka ezipotini, ukuqhumiswa kwezibhamu kanye nokunyuka kwezinga lobugebengu okuhlanganisa aukushawa kwabantu, ukuphanga nokugqekezwa kwemizi.

Baningi asebekhombise ukuweseka lo mkhankaso, abafuna ukuthi kusheshiswe umnyakazo wokunqanda lokhu abakubiza ngokuphazanyiswa abantu abahlala emijondolo. Bafuna kuqikelelwe ukuthi kunokuthula emphakathini, kube nomthetho kuyo yonke indawo, kuhlanganisa nezindawo zabo eziphezulu.

Le nhlangano ithe yizwe izwelana nabahlali basemijondolo kodwa inkinga yezempilo kanye nokwephula kwemithetho yezokuphepha kuyabakhathaza futhi kufanele kulungiswe. Lokhu kuzobe kwenzelwa inhlalakahle yawo wonke umphakathi.

I-petition esayinwayo iphoqa ukuthi kuqiniswe ukugcinwa kwemithetho kule ndawo abantu abahleli kuyona ngokungemthetho kanye nengxenye esentshonalanga ye-Ballito maqondana noMhlali Country Club nasemizini eseduze kwakhona yenani eliphezulu neminye imiphakathi.

“Izakhamizi zethu ziphazanyiswa umsindo oqhamuka ezipotini kanye nokuqhunyiswa kwezibhamu ngaso sonke isikhathi emini nasebusuku. Indawo yethu isiphenduke isidleke sobugebengu lapho kushawa khona abantu, bephangwe kuphinde kugqekezwe nemizi. Kubuye kushiswe imfucuza noma ikanjalo, okuyinto elimaza imvelo iphinde ingcolise imigwaqo. Kunamabhizinisi angabhalisile nangekho emthethweni aqhutshwa eduze komgwaqo okuhanjwa kuwona nokuyinto engamukelekile.

Okhulumela umasipala wakwaDukuza, uMnuz. Sifiso Zulu uthe kuyinhloso kwamasipala vele ukususa abantu abahlala ezindaweni ezingafanele kodwa lokho kufanele kwenziwe kulandelwa umthetho.

“Odabeni lokuhlala kwabantu ngokumthetho emhlabeni kamasipala, nosekudale inkinga yokwanda kwemijondo endaweni, umasipala ulufake enkantolo enkulu lolo daba ukuze ukwazi ukvimba labantu ngokulandela umthetho i-Prevention of Illegal Eviction and Unlawful Occupation of Land Act (No. 19 ka-1998”, kusho uZulu.

Uthe inkinga yomsindo, ukuqhunyiswa kwezibhamu kanye nokungcoliswa kwendawo ngemfucuza kuyingxenye yodaaba abalufake enkantolo noluzobukwa uma sekuxoxwa ngalolu daba. Usuku lokuhlala kwalolu daba lusazomenyezelwa.

“Sifuna abezokugcinwa komthetho benze isiqiniseko ukuthi konke lokhu esikhala ngakho kuyaphela nya, kuphinde kuboshwe izigebengu bese kuphithizela amaphoyisa endaweni ukuze kube nokuthula emphakathini wethu”, kubhalwe kwi-petition.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.