UTHI USINDE NGENHLANHLA ENGOZINI YEMOTO U-DJ KOTINI
USIYABONGA Zikode odume ngelika-DJ Kotini udalule ukuthi ube nenhlanhla ngesikhathi esinda engozini yemoto elibhekise umcimbini obuseJozini enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali ngoMgqibelo odlule. Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-N2 phakathi kwaseSikhaleni naseMthunzini.
“Bengishayela emgwaqeni u-N2 phakathi kwaseSikhaleni naseMthunzini Plaza ngesikhathi itekisi eliyi-Quantum lishayisa imoto imoto yami i-VW Caravelle T5, yasala inokulimala kwampantsha nesondo le moto. Nginenhlanhla nje ukuthi ngisindile”, kusho uDJ Kotini.
Uthe emuva kwale ngozi akalutholanga usizo ngokushesha njengoba nezimoto ebezidlula bezingami kwazise bekusebusuku.
“Ngilinde isikhathi eside emgwaqeni ukuthi kufike imoto ezongidonsa. Ngizwe ngizizonda ngenxa yokuthi umsebenzi wethu siwenza ebusuku lapho okufanele sishayele khona amabanga amade ukuze siyojabulisa abalandeli bethu ngomculo. Ukushayela ebusuku emgwaqeni omubi kuyinkinga. Manje sengihlalelwe ukukhokhela imali yokuhlangabeza umshwalense ukuze ngisizakale”, kusho yena.
Kwenzeka lesi gameko nje lo DJ usanda kuklonyeliswa ngendondo emcimbini we-Champions of KZN Awards obuse-Royal Hotel eThekwini emasontweni edlule.
Lo mcimbi ungowokuklomelisa labo abenza imisebenzi emihle futhi ebeka kahle isifundazwe saKwaZulu-Natali ebalazweni lo mhlaba.