NIBHALE KAHLE BAFUNDI BAKAMATIKULETSHENI
LESI isikhathi esinzima kubafundi bamatikuletsheni njengoba bezoqala ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka. Okubalulekile ukuthi umfundi nomfundi kufanele azibambe ziqine akhohlwe izinto angeke akwazi ukuzilawula. Njengamanje okudingekayo ukuthi abafundi bazithembe bona kuqala ukuthi bangakwenza lokhu futhi bangakwenzisisa.
Isikhathi sokufunda kanzima sesidlulile, okudingekayo manje ukuthi bazikhumbuzise lokho abebekufunda. Ngeke kusasiza ukufuna ukufunda noma ukuzigcwalisa ngolwazi olusha. Lokhu kuzobafakela ingcindezi engenasidingo.
Lesi isikhathi sokuthi abazali nezihlobo babaxhase ngazindlela zonke labo ababhalayo. Okudingekayo ukuthi abazali baqaphelisise amagama abawaphimisayo ngalesi sikhathi ngoba angaba nomthelela endleleni abantwana babo abenza ngayo ezivivinyweni. Sesadlula isikhathi lapho kwakunabazali ababebuka izinto ngeso lokungaxhasi. Manje kuhle sibe abazali nezihlobo ezikhuluma amagama akhayo kubantwana ababhalayo.
Masibafisele ukubhala okuhle, kwazise abanye bethu bake badlula kulesi sikhathi futhi siyayazi ingcindezi eza naso lesi sikhathi. Njengezihlobo, akube umsebenzi wethu ukubabuza abafundi ukuthi babhale kanjani usuku nosuku. Masihlale nabo phansi sibaphe amazwi azokwenza ukuthi babe nokuzethemba, bafise ukwenza kangcono kusivivinyo ngasinye.
Kubafundi ngithi nje, yazini ukuthi lesi isikhathi esinzima kodwa uma nizimisele konke kuzohamba kahle. Khumbulani ukuthi noma ngabe akusahambanga-ke kahle, lisekhona elinye ithuba. Ngakho-ke ningadikibali futhi okwamanje ningacabangi nokucabanga ngalo lelo thuba lesibili. Okufanele nikwenze ukuthi nisebenze ngokuzimisela kuphela nje.
Ngeke kusasiza ukucabanga ukuthi ukubhala ngepeni elithandazeliwe ikona okuzoniphasisa. Into ebalulekile ukuthi nihlale ezincwadini zenu. Nciphisani isikhathi enisichitha nabangani kanye nesikhathi enisichitha ezinkundleni zokuxhumana. Khumbulani-ke kodwa ukuthi ningabe senifunda kakhulu nigcine seningaziniki isikhathi sokuphumula.
Ukubhala okuhle!
*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University