ASIPHEPHE EMIGWAQENI BAKWETHU, IMPILO IYODWA
NJENGOBA isikhathi sesishoshela emaholidini kakhisimuzi noncibijane nje, abantu abaningi bazothatha izindlela ezehlukene beyovakasha abanye abahlala ezindaweni ezikude bebuyele emakhaya. Ngalesi sikhathi imigwaqo iyagcwala kakhulu, iminyane nokuholela ezingozini eziningi.
Njengeziko lezindaba sibona kusifanele ukuba sixwayise abafundi bethu, abanye abazobe besebenzisa imigwaqo ngalesi sikhathi ukuze kuvinjelwe izingozi ezingenasidingo. Asifuni ukuba abafundi bethu bebalwe ezinombolweni zabafe ngesikhathi samaholidi ezayo. Ngakho sithe asibhale nakhu okumangamasu angasiza ngaphambi kokuthi ungene kuleyo moto yakho ngenhloso yokuthatha uhambo.
PHUMULA KAHLE: Kuhle ukuba uphumule kahle ngaphambi kokuthatha uhambo lwakho. Lokhu kusho ukuthi ulale ngokwanele ngosuku olwandulela uhambo. Uma ususemgwaqeni qikelela ukuthi uyama njalo emuva kwamahora amabili noma uma usushayele amakhilomitha angu-200 ukuze uphumule futhi uzelule. Yenza uhambo lwakho lube oluyinqayizivele.
KUNGABI KHONA OKUZOPHAZAMISA: Qhelisa zonke izinto ezingabalulekile eduze kwakho. Umakhalekhukhwini wakho ungawusebenzisi, ngaphandle uma kubalulekile futhi kuphoqa. Ungakwazi ukusebenzisa indlela yokuphendula ucingo ungaluphethe ngesandla ukuze ungazamiseki ekushayeleni.
QIKELELA UKUTHI IMOTO ISESIMENI SOKUBA SEMGWAQENI: Ngaphambi kokuthatha uhambo lwakho, yisa imoto kongoti nomakhemikha bakubhekele ukuthi konke kuhamba kahle yini emotweni. Zonke izinto zemoto kumele zibe sesimeni esisebenzayo futhi ungafaki imithwalo eminingi emotweni.
FASA IBHANDE: Uma ususemgwaqeni qikelela ukuthi wena nohamba nabo niwafasile amabhande, noma ngabe uhambo lwenu lufishane kanjani. Qikelela ukuthi izingane ezincane zifaselwe kahle amabhande nalapho kufanele ngokwesisindo neminyaka yazo.
UNGAPHUZI BESE USHAYELA: Ngokombiko we-Arrive Alive izingozi eziningi emigwaqeni yaseNingizimu Afrika zidalwa ukushayela imoto uphuzile. Ucwaningo luveza ukuthi abantu abaningi abafa ezingozini zomgwaqo basuke bephuze badlula esikalini esibekiwe futhi esisemthethweni esingu-0,05 gram sokuphuza bese ushayela. Wena ungacabanga ukuthi uphuze kancane kanti usudlulile esikalini esingu-0,05 nokungakufaka ezinkingeni zokuhlawuliswa kanzima, uphucwe ilayisense yokushayela, noma uboshwe iminyaka emibili ejele njengokulandisa kwe-National Roads Traffic Act.
GCINA IBANGA ELIPHEPHILE EMOTWENI OYILANDELAYO: Uma usemgwaqeni qikelela ukuthi uqhele ngebanga eliphephile emotweni oyilandelayo ukuze ukwazi ukubamba imoto uma kwenzeka kuvela isimo ebesingalindelekile. Uma ibanga olihambayo lilide phumula imizuzu eyishumi nanhlanu njalo emuva kwamahora amabili ukuze ungakhathaleli emgwaqeni.
XWAYA NGASO SONKE ISIKHATHI: Hlala uxwayile futhi ugweme ukuma ezindaweni ezithule bese ulandela yonke imithetho yemigwaqo. Bhasobha izindawo ezingaba nengozi yokuthi uphangwe imoto noma uthathelwe impahla yakho. Beka izimpahla ezibalulekile kwi-boot yemoto, zingabi sobala ukuba zibonwe izigebengu.
IBA NESIKHWAMA SOSIZO LOKUQALA EMOTWENI: Uma unalezi zinto noma kanjani uhambo lwakho luzoba ngoluphephile. Iba namathuluzi okulungisa izintwana ezithile ezingaphazamisa uhambo lwakho njengokuqhuma kwesondo, ukucisha kwamalambu nokunye okuningi.
UMKHAYA ufisela bonke abafundi bawo izindlela ezimhlophe nezinhle.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]