EZEMIDLALOIzindaba

ABUFIHLEKI UBUHLUNGU KOWE-PIRATES NGOKUGUQISWA IMAGESI FC

UMDLALI osemncane ogijima ku-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng uyahluleka ukufihla ubuhlungu bokudliwa kwezakhe yi-Magesi FC ngo 3-2 emdlalweni we-Carling Black Label Cup obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

URelebohile oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) ufake imibhalo elandelanayo ekhasini lakhe lika-Facebook lapho ekhombisa ukumangala nobuhlungu ngokuguqiswa ikilabhu engomakoti ku-Premier Soccer League (PSL).

Ethumela okokuqala ufake isithombe sakhe ‘elitapeyita’ wase efaka ama-emoji amakhanda akhala mi izinyembezi. Ulandelise ngombhalo othi: “Angifuni ukuqamba, ngiphansi, ngiphoxekile futhi akudleki”. Ube esefaka ama-emoji amakhanda amabili akhala mi izinyembezi.

Embhalweni wesithathu uthe: “Besivele singayifuni i-Black Label Cup, sinawo awethu amane (4)”. Ube eselandelisa ngothi: “Namanje angakakholwa ukuthi bekuyiMAGESI”. Wabe esefaka i-emoji yekhanda elidangele.

Uqhubekile nokuveza imizwa yakhe ngomphumela wayizolo njengoba elandelise ngombhalo othi: “Cha basinike iMAGESI okungesiyo”, wabe esefaka i-emoji yekhanda elidangele. Kuthe ngehora leshumi ngeSonto ekuseni wafaka isithombe esemotweni, wabe esebhala ukuthi: “Ngiyashayela ekuseni ukuze ngiqaqe umqondo, ngisathuswe ugesi wayizolo”, esho efake i-emoji yombani kanye neyamakhanda akhala mi izinyembezi.

Kuyacaca ukuthi umzwise ubuhlungu lo mphumela walo mdlalo lo mdlali oyibamba esiswini ku-Orlando Pirates.

Amagoli enqobe ngawo iMagesi FC ashawe ngoD. Abrahams ngomzuzu ka-32, T. Sesane ngomzuzu ka-39 (og) no-E. Chirambadare sekudlule imizuzu engu-45, esikhathini esiyimizuzu emine engezwe unompempe. Awe-Orlando Pirates ashawe ngo-K. Dlamini ngomzuzu ka-86 no-E. Makgopa ngomzuzu ka-89.

Kuphele isiwombe sokuqala ezikaMagebhula zilandela ngemuva ngeqanda emagolini amathathu abesefakwe iMagesi FC.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.