UMFUNDI UBONE USIZI LUKAZAKWABO WAMTHENGELA ‘UNYUWANE’ WEZICATHULO
KWENZEKE okungajwayelekile ngesikhathi umfundi owenza ibanga-11 esikoleni uDumo High School eMandeni, uMfundo Danisa ethengela uzakwabo (ongumfundi naye) izicathulo zesikole.
UMfundo olandelwa zinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana u-Facebook no-TikTok utshele UMKHAYA ukuthi okumenze wathengela uzakwabo izicathulo ezintsha ukuthi bese zigugile lezi azigqokayo futhi sezimqeda ukuzethemba uma ephakathi kwabanye abafundi.
Lo mfundi oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) akaqali ukwenza lokho njengoba nangonyaka odlule ethengele abafundi ababili izicathulo kuso lesikole afunda kusona emuva kokuba nabo bese zingabukeki kahle izicathulo zabo futhi sezindala.
Uthe uyakholelwa ekutheni ukupha kunezela izibusiso uNkulunkulu asuke ekuphe zona empilweni. “Okungenza nginikele ngokuncane enginakho ukuthi ngiyakholelwa ekutheni ukusiza omunye umuntu kudala izibusizo”, kusho yena.
Ngesikhathi ethengela abafundi ababili izicathulo ngonyaka odlule ube namandla okubathengela nokudla. Ebuzwa UMKHAYA ukuthi uyithathaphi imali yokwenza konke lokhu uthe ngezimpelasonto nangamaholidi uye athwebulele abantu izithombe edolobheni eMandeni bese kuthi imali encane ayitholayo enze ngayo umehlulo kwabanye abantu.
Uthe uma esebenze kahle uye athenge izinkwa neziphuzo zeMoFaya ezikhiqizwa inkampani ka-DJ Sbu anikele kubantu abahlala emigwaqeni. Utshele UMKHAYA ukuthi okwenza abathengele iMoFaya ukuthi ingeyomuntu omnyama ohleze egqugquzela ukuba abantu benze kahle.
Uthe uyafisa ukuqhubeka nokusiza abantu kodwa inselelo anayo ukuthi amandla akhe mafushane. “Ngiyafisa ukuthi ngiqhubeke nokusiza kodwa amandla anginawo, uma ngingathola uxhaso ngingaqhubeka ngoba baningi abafundi abashoda ngomfaniswano wesikole”, kuphetha yena.