Imibono

NGABE SEKUYISIKHATHI SOKULOTSHWA KWETESTAMENTE LESITHATHU?

LAPHA kuMKHAYA asibona ongcweti bezenkolo kodwa sithi ake siphawule ngesihloko okukhulunywa ngaso kakhulu kulezi nsuku, sezinkulumo zika-Phillip ‘Enigma’ Thosa wodumo kuma-podcast. U-Enigma uyinsizwa esikhulile ngokweminyaka uma uyibuka.

Uvame ukuvela ekhuluma ngokwenzeke ngesikhathi enoJesu ndawana thize, lapho embonisa abantu kanye nezinto eziningi ezenzeka ezulwini nasesihogweni. Uvela njalo ephethe okusabhukwana alokhu ethi jeqe kulo, bese ethi: “UJesu athi..”, bese esho lokhu athi kushiwo uJesu kuye ngesikhathi elokhu embonisa izinto ezenziwa abantu ezingalungile kanye nabantu abenza okumnengayo uNkulunkulu.

Asinaso isiqiniseko ngakho konke lokho kodwa futhi asimelene nakho, kepha esikubuzayo ukuthi ngabe lesi akusona yini isikhathi sokuba kulotshwe ibhayibheli lesikhathi samanje okanye itestamente elisha?

Mina nje siqu ngiyalifunda ibhayibheli futhi ngilisebenzisela ukuba lingakhe okanye lingiqondise. Njengezinye izincwadi ezilulekayo nalo ngilisebenzisela ukuba libe ukukhanya kimi ngesikhathi sobumnyama, lingiphumuze ngesikhathi sokukhathala, lingiqondise ngesikhathi sokuduka, libe ukudla komphefumulo ngesikhathi sendlala yokwazi, libe umthombo ngesikhathi sokomela ukuphila. Ngokwami kuphela lapho.

UKE UZIBUZE UKUTHI KUNGANI KUNEBHAYIBHELI?

Ngiyazi ukuthi lona umbuzo ongenasidingo kwabanye abantu kodwa khathisimbe iwona osinika incazelo esiluleka ukuba kufanele silisebenzise kanjani.

Emasontweni amaningi nakwezinye izindawo lisetshenziselwa ukududuza, ukwelapha imiphefumulo, ukubuyisa abedukileyo, ukushaya abonile, ukufundisa abasakhulayo nokunye okuningi.

U-Daniel Diffey (Phd), ogogodile kwezenkolo nezimfundiso zikaNkulunkulu uthi ibhayibheli lisichazela ngobuNkulunkulu nesibopho anaso nabantu bakhe. “Kuzo zonke izahluko zebhayibheli sifunda ngobungcwele bukaNkulunkulu, ukungashintshi kwakhe, ukuthembeka, umusa kanye nothando lwakhe”, kusho u-Diffey.

Angifuni kube ngathi ngiyashumayela kule ngosi, kodwa namuhla ngifuna ukusungula inkulumo-mpikiswano ngesidingo sokubhalwa kwebhayibheli elisha, hlampe okungaba itestamente lesithathu. Lena inselelo engiyiphonsela izinhlangano kanye nezikole ezifundisa ngebhayibheli ukuthi kwekubhalwe ngalokhu esikubonayo manje.

Ngomunye unyaka ngake ngathi ngilalele umsakazo wesiZulu ongaphansi kwe-SABC, Ukhozi FM kudingidwa zona izindaba zenkolo kanye nemilando, usolwazi esengimkhohliwe igama lakhe waphakamisa ukuba kekubhalwe ibhayibheli elizoqopha umlando wase-Afrika owenzeke kulesizukulwane seminyaka yethu. Lo solwazi wayethi leli bhayibheli lizogxila kwinqubo yase-Afrika yokuphila futhi liqondise abantu ngendlela yase-Afrika ukuze kungabi nokudideka ngokufanele kwenziwe nokungafanele.

Isibonelo esifushane ilesi sokuthi ibhayibheli elidala liyaveza ukuthi zazikhona izinyanga nezangoma endulo kuphinde futhi kube khona amavesi azigxekayo (Isaya 8 vesi 19, Dutheronomi 18 vesi 10-2, Levithikusi 20 vesi 6). Osekwenzeka manje impikiswano njengoba abalihumushayo nabafundisi bezichitha besebenzisa lona belu ibhayibheli. Noma kunjalo iningi labantu abakholelwa esintweni basazethemba.

Uma ufunda incwadi kaThimothewu wesibili (2), Isahluko 3 vesi 16-17 sitshelwa ukuthi ibhayibheli “lihle ekufundiseni, ukusola, ukuqondisa, nokuqeqesha ekuhambeni ngokulunga”. Uma ufunda ivesi elilandelayo lisitshela ukuthi lokhu kuholela “ekuphelelisweni nasekwakhiweni kwemisebenzi emihle”.

Uma senza isiphakamiso sokuthi ibhayibheli libhalwe kabusha asisho ukuthi akuqalwe phansi yonke into kepha sithi ake kuqoshwe imilando ngabantu abaphile kamuva kanye nezigameko zalesikhathi bese ngazo kudunyiswa ubukhulu nobukhona bukaNkulunkulu. Buningi ubufakazi obuhle namanje ngoNkulunkulu obusatshengisa ukuthi usenguNkulunkulu obonelelayo noma izimo zehlule.

Ngiyaqonda ukuthi siphila esikhathini esihlukile ngobuchwepheshe lapho kulula ukuba nobani azibhalele isiqeshana sakhe etuse ubuqhawe bukaNkulunkulu kodwa lokho akwanele, ngoba hleze kungabi iyona yonke imibhalo enethonya lokufundelwa ukuba isindise izimpilo futhi yelaphe imiphefumulo edabukileyo. Ngakho ibhayibheli liseyiyona incwadi engukuphila.

BELIBHALELWANI IBHAYIBHELI EKUQALENI?

Ngokwe-website ethi www.christianity.com ibhayibheli belibhalelwe ukwazisa abantu bakaNkulunkulu. Belibhalelwe ukubazisa ngezigameko kanye nezehlo ezake zenzeka futhi baqonde kabanzi ngomhlaba abaphila kuwona. Kufana nokufundiswa kwesifundo somlando wamazwe omhlaba esikoleni, ukuze abafundi baqonde kabanzi ngemvelaphi yezinto, kanye nenqubekela phambili yokwenzeka emhlabeni.

Baningi abantu esibikelwa ngempilo yabo ebhayibhelini, abanye ababeshumayela ivangeli likaNkulunkulu, abanye begula kanzima bebuye besinde kanye nezimpi ezazesekwa uNkulunkulu. Namanje kunesidingo sokuthi konke lokhu esikubona manje nokwenzeke singakabi bikho kuqoshwe kube kwitestamente lesithathu, ngoba imisebenzi kaJehova ayipheli.

Baningi abefundisi abashumayela besebenzisa ibhayibheli njengobufakazi bemisebenzi kaNkulunkulu, kwamanye amabandla njengelakwaShembe (Shembe Nazaret Baptist Church) kusetshenziswa kakhulu ubufakazi bemisebenzi yeNkosi noma yamaKhosi akwaShembe. Ilona bandla leli eliyisibonelo esihle salokhu esikhuluma ngakho ngoba liqhuba ngenqubo le eyayiphakanyiswe usolwazi Okhozini ukuthi lapha e-Afrika sinezigameko zethu ezisehlele lapho uMvelinqangi esibonisile amandla nobukhona bukaMvelinqangi. Ngakho makubhalwe ngakho lokho.

Noma u-Enigma kukhona lapho abuye engezwakali kahle khona kodwa uyisahluko esibalulekile kule nkulumo-mpikiswano esiyisungulayo ngebhayibheli elisha noma itestamente lesithathu. Simbona egxeka izinto eziningi athi uziboniswa uJesu ukuthi azilungile ukuba abantwana bakaNkulunkulu ukuba bazenze. Asazi besingekho, asimbonanga ehamba noJesu kodwa kukhona ulwembu alususayo ngezinkulumo zakhe futhi usesukumise abafundisi nezazi zezenkolo ukuba zikhulume kabusha ngalo ibhayibheli leli. Okubi ukuthi bonke bacaphuna imibhalo emidala, kanti kwalani ukuba kubhalwe izimangaliso zale minyaka esikuyo.

Sesiphetha sifuna ukusho ukuthi uJehova owayekhona emandulo kusenguye namanje. Uma ufunda uGenesise 6 vesi 11-16 uyathola uNkulunkulu ekhuluma noNowa ngokudlobongela obukhona ezweni nesifiso sakhe esikhulu sokukulungisa lokho.

UKUMENYEZELWA KUKAZAMCOLO

Ngalamazwi asinawo amandla okuphikisa lokhu uNkulunkulu akwembula kithi ngabantwana bakhe, kepha akufanele yini konke lokhu kuqoshwe kwitestamente elisha lapho uNkulunkulu esebenza ngezindlela ezehlukene manje?

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.