UMSINDO UXOLANI WESIZOK’THOLA EGADWE NGABEBEHLOME BEZINGOVOLO
SEKUSUKE omkhulu umsindo enkundleni yokuxhumana u-X, abantu bekhala ngokubonakala kukaXolani Khumalo weSizok’thola [edlala kuMoja Love] ehamba nonogada abebehlome bezingovolo eJama Lifestyle Shisanyama eGoli. Kuyaziwa umsebenzi kaKhumalo owokuvundulula izidleke zokudayiswa kwezidakamizwa kanye nokuqinisekisa ukuthi abazidayisayo bebhakana nengalo yomthetho, ngakho kudinga ukuthi aphephe ngaso sonke isikhathi.
Iziko lezindaba i @MDNnews ifake i-video ku-X uKhumalo ehamba egadwe onogada abebehlome bezingovolo eJama Lifestyle Shisanyama beyozithokozisa, nokusedale inkulumo mpikiswano, abantu bebeza ukuthi sikhona yini isidingo sonogada abangaka.
Abanye bebekweseka ukugadwa ngale ndlela kukaKhumalo, bebalula ukuthi kumele abeke phambili ukuphepha njengoba umsebenzi awenzayo umakhela ubutha kanye nabantu abayingozi.

Isithombe: Udagwa kanje uXolani Khumalo weSizok’thola uma esegudla emigwaqeni
Ngesikhathi uKhumalo ekhuluma ezinhlelweni ze-podcast, i-The Hustlers Corner ka-DJ Sbu, ne-Podcast and Chill with MacG ka-MacG no Sol Phenduka uKhumalo uveze ukuthi usethole kaningi izinsongo zokumsabisa ngokufa ngenxa yomsebenzi awenzayo wokulwa nokudayiswa kwezidakamizwa. Uthe ukulwisana nokuveza obala laba abasekhaleni lokusabalalisa izidakamizwa kumbeka engcupheni yokuthi abe ‘indoda efunekayo’, nokuyisizathu sokuthi abeke ukuphepha kwakhe phambili.
Bephawula abantu ku-X, u @Sisa_Magwaza uthe: Ugadelwani vele?
U @NdabeLit uthe: Kwayona lento yokuveza izibhamu ezingaka kanje ivumelekile yini?
Omunye ongu @MahumaOb uthe: Unonogada ngoba nonke niyazi ukuthi ulwa nabantu abasabalalisa izidakamizwa. Manje ukuthi labantu bazomyeka nje akhululeke? Uvikelwe abakhokhi bentela ngoba usiza umphakathi ngendlela enhle njengoba elwa nokuqeda izidleke zezidakamizwa.