Izindaba

UBOSHIWE UMMELI OWAKHWABANISELA ISISULU IMALI ENGU-R10M YE-RAF

UGCINE efahlwe ngamasongo kasigonyeli ummeli, u-Michael Mabunda obefunwa amaphoyisa angaphansi kophiko lwama-Hawks Serious Commercial Crimes Unit ngecala lokukhwabanisela isisulu imali engu-R10.5 million ye-Road Accidents Fund (RAF) emuva kokuba sibe sengozini yemoto ngo-2019.

Ngokusho kwama-Hawks, lo mmeli wasePitoli oneminyaka engamashumi amane nambili kuthiwa wafaka isicelo egameni le-client yakhe, nebala saphumelela njengoba i-RAF igcine ifake imali engu-R10.5 million kwi-account yakhe ummeli. Kodwa uMabunda akazange ayedlulise lemali kwi-account ye-client yakhe, okwaholela ekutheni liqhubeke nokuba sesimeni esinzima sezimali.

UMabunda uvele okokuqala enkantolo i-Pretoria Specialised Crimes Court ngoLwesibili, icala labe selihlehliselwa umhlaka-26 Lwezi 2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Oyinhloko yophiko lwama-Hawks eGauteng, u-Major General Ebrahim Kadwa ukwamukele ukuboshwa kwalo mmeli, “Ukuboshwa kwalo kuzokumbuza nabanye abasemkhakheni wezomthetho ukuthi begcine ubuqotho nokwethembeka uma besebenza ngezimali zama-client abo. Izenzo zokuqola ngeke zibekezelelwe, abenza bazo bazobhekana ngqo nengalo yomthetho”, kusho uKadwa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.