EZIKAMABONAKUDEIzindaba

KUQUBUKE INGXOXO ESHUBILE NGESIFUNDO SOCANSI KU-SKEEM SAAM

UMDLALO owuchungechunge odlala ku-SABC 1, i-Skeem Saam usuqubule inkulumo-mpikiswano esihlukanise phakathi izwe ngendaba oyixoxayo yokuvumelana kwabenza ucansi noma ngabe bayathandana okanye abathandani. Esiqeshini sangoLwesine kubonakale kugwetshwa iminyaka eyishumi nanhlanu (15) uTobias ‘Toby’ Maswahla (okuyindawo edlalwa uSicelo Buthelezi) ngecala lokudlwengula uNswaki Rathoka (okuyindawo edlalwa uLethabo Mekoa).

Laba abebeyizithandani, benza ucansi ekhaya lakubo kwaToby, yize kwakubukeka kungenankinga kodwa emuva kokuba uNswaki ethole ukuthi bake bazama ukumfonela kubo wabe eseba manqika ukuqhubeka nokwenza ucansi. Laba, ngaphambi kokuba babekubo kwa-Tobias, baqale bazigxinxa ngotshwala endaweni yokuzijuxuza edumile e-Turflop, i-Bazzarot.

Enkantolo obekuqulwa kuyo leli cala kuvele ukuthi ngesikhathi uNswaki etshela Toby ukuthi usephuthwe izingcingo bezama ukumfonela kubo, uToby wathi, “vele usugaxele” waqhubeka nokumlala.

Umongo wecala usekutheni ngesikhathi eqhubeka Toby nokulala uNswaki, ngabe [uNswaki] wayesesimeni esikahle yini sokwenza ucansi noma wayesemdlwengula. Kuvele ukuthi njengoba wayesekhombise izimpawu zokungakhululeki emoyeni uNswaki kwase kufana nokuthi uyadlwengulwa uma kuqhutshekwa kwenziwa naye ucansi.

Ngakho inkantolo ibe isimthola enecala uToby, wanikwa isigwebo seminyaka eyi-15 etholoza ejele.

Abaningi abakuqondi lokhu obekufundiswa ilo mdlalo njengoba bekholwa ukuthi uma uthandan nomuntu unelungelo lonke lokulala naye. Nokho umthetho ukutolika ngenye indlela lokho njengoba unika owesifazane ilungelo lokunqaba uma engafuni ukwenza ucansi noma ngabe usebudlelwaneni bothando obujule kanjani nowesilisa.

USicelo uthe ufunde lukhulu ngale ndawo ayidlalayo kulo ndawo. “Kunezinto engizifundile. Hlampe ngizoswela amagama okuchaza okwamanje kodwa uma kungathiwa angikhulume ngengikubukile nebengikufunda kungicacele ukuthi ukuvuma nokungavumi ukwenza ucansi kungaphezu kokuthi abantu bethi ‘yebo’ noma ‘cha’.

“Kuyangithokozisa ukuthi lokhu kusize ukuvula amehlo abantu abaningi. Ngingathi nje abantu abaqaphele ukuthi bazifaka ezimeni ezinjani. Kungenzeka kuhambe ngendlela ozoyithokozela noma ongeke uyithokozele. Ngakho abantu abaqaphele. Angifuni ukwahlulela laba abeseka uNswaki noma laba abeseka uToby.

“Umyalezo okufanele abantu bewuthole ngale ndaba ebixoxwa ilo mdlalo ukuthi, wena njengomuntu thatha izinqumo ezinhle”, kusho uSicelo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.