EZEMIDLALOIzindaba

UPHIKA ELOKUPHEQA OWESIFAZANE U-KYLIAN MBAPPE

UYAZIPHIKA izinsolo zokudlwengula umdlali we-Real Madrid, u-Kylian Mbappe kulandela ukuvela kwentokazi emsola ngokuyinukubeza ngokocansi. Icala livulwe esiteshini samaphoyisa saseStockholm, eSweden, ngempelasonto.

Ummeli kaMbappe uzichithile lezi zinsolo wathi zingamampunge futhi kuzocaca maduze lokho. Njengamanje kuthiwa uMbappe uhlongoza ukufaka lo wesifazane enkantolo njengendlela yokuzivikela.

Iphephandaba laseSweden, i-Aftonbladet, ibike ngalolu daba kuqala, washeshe walubiza ngamampunge ekhasini lakhe ku-X uMbappe.

Lo mdlali ube eseveza nokuthi uyasola ukuthi lolu daba luhlobene nempi yakhe eqhubekayo nePSG abafakane enkantolo nayo bebanga imali.

“Sekuqala ukuba yinto elindelekile, lento ivela ngaphambi kosuku okuzolalewa ngalo isikhalo sami [ngemali ayifuna kwiPSG].”

Khonamanjalo, okwamanje uMbappe usabhekene nophenyo, akakaboshwa kodwa ukuputshuka kwalezi zindaba kungase kudicelele phansi isithunzi sakhe okuyinto azama ukuyivikela njengoba ehlela ukuvula icala naye.

I-Madrid kuvela ukuthi iyameseka lo mdlali kodwa kuphakamise imibuzo ukususwa kwakhe ezithombeni zesikhangiso sakamuva ebesishuthwa.

Umthombo: Izindaba24/7

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.