EZISEMATHENIIzindaba

UBHADLE EJELE OWAHLELA UKUBULAWA KWABAYI-18 ELUSIKISIKI

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa eNingizimu Afrika, uMnuz. Senzo Mchunu udalule ukuthi ungqondongqondo owahlela ukubulawa kwabantu abayishumi nesishiyagalombili eLusikisiki isigelekeqe esidonsa isigwebo saso ejele. Ubekusho lokhu ngesikhathi ethula umbiko wokusebenza kwezinhlaka zamaphoyisa, phambi kwekomiti lo mnyango wakhe ephalamende e-Cape Town ngoLwesithathu.

Uphinde waveza ukukhathazeka ukuthi omunye wabasolwa abathinteka ekubulaleni abantu kuleya ndawo ubengaphandle ngoshwele, ethi ushwele akufanele uphenduke indlela yokubuyisela abantu ejele.

UMchunu uthe njengamaphoyisa akubathathanga isikhathi eside ukubopha abasolwa emuva kokuba beshicilele izithombe namagama abo. Nokho okumkhathazayo ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu ogqunywe ejele azithole ekwazi ukuhlela ukubulawa kwabantu abayishumi nesishiyagalombili.

“Lokhu kusazosihlupha kakhulu eNingizimu Afrika ukuthi umuntu osejele angakwazi ukuhlela ukubulala abantu abangafika kwishumi nesishiyagalombili”, kusho uMchunu.

Uthe usehlanganile nongqongqoshe wezokuhlunyeleliswa kwezimilo ukuze kulungiswe lento. “Kufanele sizame ukwenza okuthile ngoba lento iyaphuthuma. Kahlehle into le ebivele iyinselelo bengakabulawa lababantu”, kusho uMchunu.

UMchunu uphinde waveza ukuthi kunesidingo sokuthi kubuyekezwe imibandela kashwele nalo lonke uhlelo lokukhishwa kwayo ngoba omunye wabasolwa ubesanda kuphuma ngawo.

Kusenjalo, amaphoyisa abike ukuthi abophe abasolwa abathathu abaphakathi kweminyaka engu-22, 23 no 31 endlini eqashisayo eMkholombe e-Port Shepstone, KwaZulu-Natali ngezintatha zangoLwesithathu emuva kokulunywa indlebe ngabathile. Oyedwa wabo oneminyaka engamashumi amane nanhlanu (45), uSiphosoxolo Myekethe obengaphandle ngoshwele yena uvele enkantolo iLusikisiki Magistrate Court ngoLwesibili. Kuvele ukuthi unqabile ukufaka isicelo se-bail.

UMyekethe wayeboshelwe icala lokubulala iphoyisa ngesikhathi beliphanga ngo-2000. Njengamanje ubhekene necala lokubulala abantu abayishumi nesishiyagalombili nokutholakala nesibhamu, i-AK47 esingekho emthethweni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.