OWANQOBA U-MISS NIGERIA UNXENXA UKWESEKWA KU-MISS UNIVERSE
INTOKAZI okwasuka umsindo ngayo ngesikhathi ingenele umncintiswano wozime u-Miss South Africa, uChidimma Adetshina usenxuse abantu baseNigeria ukuba bameseke emncintiswaneni womhlaba u-Miss Universe azobanga kuwo nozime bamazwe ehlukene. Uthwele amathemba kanye namaphupho abantu bakuleliya zwe elisenhla e-Afrika.
Le ntokazi eneminyaka engamashumi amabili nantathu (23), muva nje ifake i-video ikhazimula ekhasini layo enkundleni yokuxhumana ebihambisana nomyalezo ebiwubhekise kubantu baseNigeria.
Baningi abaningi abalindele ukubona ukuthi uhambo lukaChidimma ku-Miss Universe luzohamba kanjani njengoba kuke kwasuka umsindo omkhulu ngaye eNingizimu Afrika, abantu bakhona befuna akhishwe ku-Miss SA njengoba bebengabaza ubuzwe bakhe. Bebesola ukuthi uyise ungowaseNigeria kanti unina ungowaseMozambique. Bese kuze kwasungulwa i-petition ngenhloso yokuthi kufakwe ingcindezi kubahleli ukuthi bamkhiphe ngoba abakuleli bebethi lo mncintiswano owokuqhakambisa ubuhle kanye namasiko akuleli ngakho uChidimma akakumele konke lokhu.
Kube sekungenelela umnyango wezasekhaya kuleli, owathola ophenyweni lwawo lwesikhashana ukuthi kungenzeka ukuthi umama wakhe wantshontsha umazisi wakuleli komunye wesifazane ongowodakuba eNingizimu Afrika futhi wabhalisa ngawo isitifiketi sakhe [uChidimma] sokuzalwa. Uye wasindwa ingcindezi wagcina ehoxile ku-Miss SA. Ngenhlanhla wathola isimemo kubahleli baka-Miss Nigeria sokuthi abe ingxenye yomncintiswani wabo.
Lo nobuhle osanda kuqokwa njengenxusa lase-Enugu State khona eNigeria uyena owanqoba u-Miss Nigeria njengoba esebheke ukuthatha isicoco somhlaba, i-Miss Universe 2024 e-Mexico.
“Ngesikhathi Inkosi iphethe umbuso, Indlovukazi iyona eqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle kuyo. Uhambo olubheke ku-Miss Universe lungithobile yize belunezinselelo. Ubufakazi bokuthi ukubekezela kuzala impumelelo.
“Njengoba sekubhekwe ku-Miss Universe nginxusa abantu baseNigeria ukuba babe nami kulolu hambo”, kubhala uChidimma.