LIGCWALWE UMOYA KUZUMA NGEZIMFUNO EZICIKE UMTHANDENI
KUHLUKANE inhloko nesixhanti phakathi komdlali wesiginci sebhesi, uCelumusa Zuma noMthandeni Manqele ongumculi kamaskandi odumile, emuva kokuba ecele ukunyuselwa imali ngo-60%. Ngokusho kukaMthandeni ucasulwe ukuthi lomdlali wesiginci afune ukunyuselwa imali ngokuxakile.
Engomeni asanda kuyenza noMaWhoo uMthandeni ethi Gucci, ubhale igama likaShayinja Zwane njengomdlali wesiginci kuyo.
Basuka kude uMthandeni noZuma njengoba besebenze ndawonye engomeni ayenze noLwah Ndlunkulu ethi Paris eshise izikhotha yaze yathola ukubukwa (views) izikhathi eziyisigidi ezingamashumi amabili (20 million) ku-YouTube. Le iphinde yaqokwa kwezizoncintisana nge-Record of the Year emncintiswaneni wezindondo. i-South African Traditional Music Awards (SATMA).
Echaza uMthandeni uthe inkinga iqale ngesikhathi ecela uCelumusa ukuthi adlale isiginci sebhesi engomeni ethi Gucci. “Ngesikhathi ngimcela ukuthi afike lapha ebesiqopha khona, ufune ukunyuselwa imali ngo-60% ngengoma ethi Paris. Ngimbuze ukuthi kuzokwenzakalani ngalaba abanye abafana no-Jay Jay Mbuthuma, odlala i-keyboard, uMbuzeni Mkhize odlala isiginci esiphambili.
“Ngamkhokhela imali yakhe ngesikhathi siqopha ingoma ethi Paris, wase ethi njengoba ingoma yaba impumelelo naye kumele azuze. Uthe njengoba ingoma yathola ama-views angu-20 million ku-YouTube kufanele ngabe ngino-R20 million naye ngimkhuphulele imali yakhe”, kusho uMthandeni.
Uthe unqume ukusondeza uShayinja Zwane ukuze abone uZuma ukuthi kugxilwe kakhulu ekwenzeni umculo, hhayi kubantu ngabodwana.
“Ngimtshele ukuthi ngizobuyela kuyena. Ngiyazi ukuthi useyangizonda manje. Ngimbonile edlalela omunye umculi ngesiginci sakhe, ngabona nje ukuthi ucinanisa mina”, kusho uMthandeni.
UZuma uyichithile yonke inkulumo kaMthandeni emayelana nokufuna ukunyuselwa imali ngo-60%, wathi usenga ezimithiyo. “Ngibona ukuthi uMthandeni unamahloni okuthi uzuze kakhulu ngale ngoma yakhe ethi Paris futhi uyazi ukuthi kufanele angikhuphulele imali, kodwa angikaze ngikucele lokho. Uyena nje olokhu ekhuluma ngakho.
“Okwenzekile ukuthi wangifonela ngesikhathi eyoqopha, ngamazisa ukuthi kukhona okomndeni engimatasa ngakho KwaZulu-Natali. Ngibe sengimcela ukuthi ahlehlise ukuqopha, wavuma. Ngithe sengibuyela eGoli ngamfonela ukuze ngimazise ukuthi sengikhululekile. Wathi uzobuyela kimi”, kusho uCelumusa.