EZISEMATHENIIzindaba

ABE-LUCKY STAR BAZOHLONIPHA UMBOWENI EMUVA KWENGCINDEZI

EMUVA kwengcindezi abayithole ezinkundleni zokuxhumana abenkampani edayisa inhlanzi esemathinini i-Lucky Star sebezwakalise ukuthi bazohlonipha uMnuz. Tito Mboweni oshone ngeSonto emuva kokugula isigubhukane. UMnuz. Mboweni ubengungqongqoshe wezezimali kanye nomengameli webhangengodla kuleli.

Njengokujwayelekile abantu baphawulile ezinkundleni zokuxhumana ngokudlula emhlabeni kukaMnuz. Mboweni, abanye bekhumbula amahlaya akhe. Kugqamile nokho ukuthi lo mholi uzithathile izinhliziyo zabantu abaningi esaphila.

Okuqaphelekile futhi ukuthi abantu abaningi bakhulume kakhulu ngezithombe kanye nama-video abejwayele ukuwafaka lapho abepheka khona izitshulu okuhlanganisa inhlanzi i-pilchards esethinini le-Lucky Star. Abaningi bagcine sebembiza nge-garlic king njengoba ubengawushiyi u-garlic uma epheka.

Ubethanda kakhulu ukupheka ithini lenhlanzi i-pilchards yakwa-Lucky Star nokuyinto abantu abaningi esibenze bathumela imiyalezo kule nkampani ukuthi yenze okuthile ukuhlonipha uMnuz. Mboweni. Ukuhlale njalo eqhakambisa lo khiqizo njengohamba phambili esidlweni sakhe kwenze nabebengawunakile baqala bawunaka futhi bawuthanda.

UMnuz. Trevor Manuel naye obengungqongqoshe wezezimali kuleli ungomunye wabantu abathatheka ngokwenza kukuMnuz. Mboweni waze wamupha isipho sephakethe le nhlanzi i-pilchards ngo-2019.

Nokho uMnuz. Mbowena wabhala ku-Twitter (osuwu-X) ecacisa ukuthi abukho ubudlelwano anabo nabakwa-Lucky Star kodwa uyakuthokozela ukudla inhlanzi esethinini. Inhlanzi yakhe ubevame ukuthi mayepheka ayinonge ngo-anyanisi, pepper, curry powder, izaqatha (carrots) no-garlic. Ubethi mayepheka afake i-olive oil, usawoti nopelepele.

Ezinkundleni zokuxhumana kube nesiphakamiso sokuthi i-Lucky Star ifake ikhanda lakhe esitokweni esibaliwe samathini e-Lucky Star pilchards ngenhloso yokuhlonipha iqhaza lakhe ekudumiseni lo mkhiqizo.

Le nkampani ngesikhathi ikhipha isitatimende sayo ngokudlula emhlabeni kukaMnuz. Mboweni ithe ngesikhathi esifanele futhi ngokuvunyelwa umndeni bazomhlonipha lo mholi ngendlela ezogqamisa iqhaza lakhe elehlukile ekukhangiseni umkhiqizo wabo.

“Ngobuhlungu obukhulu lapha kwa-Lucky Star, sijoyina abantu baseNingizimu Afrika ukubhonga emswanini ngokudlula kukaMnuz. Tito Mboweni. Ubuholi bakhe nokuzinikela ekusebenzeleni abantu bakuleli kushiye umzila ongasoze walibaleka.

“Abantu bakuleli bazomkhumbula futhi ngeziwombe zakhe zokupheka ukudla ngendlela abangayejwayele futhi ehlekisayo egcine isingundabamonyeni ezweni lonke. Ugqozi kanye nelukuluku abenalo kumenze waba intandokazi kanye nosaziwayo kwezokunonga ibhodwe yize ubengakuqondile lokho.

“Noma bekungekho qhaza alibambe ngokusemthethweni kwa-Lucky Star kodwa uchumise igama lethu ngobuchule okuthandwe abantu kuyo yonke imikhakha yempilo. Ngesikhathi esifanele futhi ngokuvunyelwa umndeni sizomhlonipha lo mholi ngendlela ezogqamisa iqhaza lakhe elehlukile ekukhangiseni umkhiqizo wethu. Imininingwane yalokho izolandela.

“Imicabango yethu inomndeni kanye nabangani, nabo bonke abathintekile ngokudlula kwakhe emhlabeni. Sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula”, kubhala abe-Lucky Star (@LuckyStarSA), Mfumfu 15, 2024.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.