SEBENZA USENAMANDLA, ISIKHATHI ASIMILE
UNGAKHOHLWA ukuthi unguMnqobi yingakho lomyalezo ufinyelela nakuwe. Namuhla ngifisa ukuvuselela umoya wokusebenza kusakhanya ngoba isikhathi asimele muntu.
Izwi likaJehova lisithuma ukuthi sibukele entuthwaneni. Empeleni kukhona esingakufunda entuthwaneni. Intuthwane ayilona ivila. Ehlobo uyithola iphithizela iqoqa kakhulu ukudla ngoba iyazazi ukuthi ayifuni ukuhlupheka ngesikhathi esibandayo sasebusika. Kuthi Uma sekufika ubusika isuke ingasabonakali isikhathi esiningi. Izintuthwane ziyakwazi futhi ukusebenza ngokubambisana. Uke uzibone zididinga ngokubambisana umthwalo osuke umkhulu kuzo okanye uzibone zinikezelelana ngokudla.
Ngibheke ephuzwini lokuthi kuhle ukwenza izinto isikhathi sisakuvumela namandla usenawo. Empilweni siyafika isikhathi lapho ungasenawo amandla nomdlandla wokwenza izinto. Iminyaka yakho kukhona la ihamba ikuvalele khona. Isibonelo, kulelizwe lethu kunamathuba ongeke ukwazi ukuwathola ngoba seweqe isigaba seminyaka ethile.
Uma usakhula usuke namandla okwenza izinto. Ngisho nawokulwa khona kodwa ngokuqhubeka ukhula ayancipha. Yingakho phela kuze kuthiwe asigugi namaxolo aso.
Uma unemali kumele uyisebenzise ngobuhlakani ngoba ziyafika izikhathi zokweswela. Yenza okufanele isikhathi usenaso ngoba ikusasa alaziwa. Into esilimaza kakhulu empilweni ukuhlehlisa. Siphila sengathi sinesiqiniseko sokuthi sisenesikhathi eside esizosiphila lapha emhlabeni.
Kumamabhizinisi okungabe kade sawaqala kodwa siyahlehlisa.
Uthini ngalendlu obulokhu uthi uzoyakha okanye uyixhume? Lencwadi ofuna ukuyibhala uzoyiqala nini? Lezifundo ofisa ukuzenza uzoziqala nini? Kuningi okubulawa ukuhlehlisa.
Igxathu lokuqala libalulekile. Uma singalithathi lelo gxathu siyophila impilo enokuzisola ekugcineni. Ungizwe kahle mfundi walengosi, angisho ukuthi asixhamazele senze izinto ngokungacabangi. Iphuzu engilibekayo elokuthi singabi namaphupho namasu amaningi sigcine singenzanga lutho ngawo.
Eminye imicabango namasu kugcina kuphelela emoyeni ngoba asikubhalile phansi. Ake ucabange ukuthi uma ungase uwubhale phansi lowo mcabango bese ubhala namasu okuwufezekisa, bese ubhala nezinsuku ozofeza ngazo lawo masu kungabanjani.
Into ebhalwe phansi iyaphila futhi ukuyifunda kuyakukhuthaza. Isikhathi samanje esamathuba amaningi nolwazi. Kepha umuntu oyokwazi ukuzithola lezizinto osebenzisa umqondo kakhudlwana.
Empilweni kubalulekile ukuthi amathuba akufice ulungile kunokuthi ukhale ngokuthi ukube. Zicije ngamakhono, hloma ngezikhali zempilo bese ukhanda ubudlelwane obuhle nabantu. Dlalela ngalapho ofisa ukuya khona. Phusha ngempela ngoba iminyaka iyahamba. Kukhona isikhathi esizofika lapho impilo iyokubuza ukuthi kanti ubumatasa ngani eminyakeni edlule.
Kunzima ukwenza into ngoba usuphoqwa iminyaka lapho uthole ukuthi namandla kawasekho. Uma usakhula kulula ukuthi abantu belangazelele ukukusiza bengabheke lutho. Uma usukhulile kumele uzimele.
Sebenza kusakhanya. Vuka uzithathe. Ikusasa alaziwa kuhle ukwenza Izinto usengakwazi.
Sengathi UJehova engabeka indlebe yakhe ekwenxuseni kwakho, aphendule imikhuleko yakho. Kugqashuke izibopho eziboshwe izitha ngempilo yakho. Uthole amandla nomdlandla wokusebenza kusenesikhathi.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo