ITHUBA LOKUFAKA USAZIWAYO OMTHANDAYO ETSHWALENI BUKA-DJ TIRA
IMAKOYA Beverages izilungisela ukuqala kwesikhathi samahilidi kancibijane ngokwethula isitokwe esibaliwe seMakoya Bearings Dry Green Apple Cider, ezoba nekhanda lika-DJ Tira. Lo mkhiqizo wekhethelo ugubha ukuhluka, ukuqamba, namandla ethonya lanamuhla lokusondeza abalandeli eduze kosaziwayo ngendlela entsha.
Lo mkhiqizo ozokwethulwa uzobe uqukethe indaba engo-DJ Tira ngqo, umdidiyeli womculo no-DJ osenqobe inqwaba yezindondo. Abalandeli sebezothokozela iMakoya Bearings Dry Green Apple Cider esephaketheni elenziwe kabusha, esenalokhuya kunambitheka okungashintshile.
Abalandeli bazothola ithuba lokuba ingxenye yesitokwe esibaliwe esilandelayo esizodedelwa ngokuzayo. Abathengi bazonikwa ithuba lokuvotela noma imuphi usaziwayo abangafisa ukuthi abe ubuso beMakoya Bearings Green Apple. Kungakhethwa kusukela kubalingisi, abaculi, abantu abadumile, noma abezemidlalo, ivoti labathengi ilona elizonquma ukuthi ubani kulabo saziwayo ozoba ubuso balo mkhiqizo.
Kunxuswa abalandeli ukuthi belandele amakhasi eMakoya Beverages ezinkundleni zokuxhumana ukuze bekwazi ukuvota futhi bebe sethubeni lokuzihlomulela nendathane yemiklomelo nezipho.
“IMakoya Beverages ayikho ngami noma eyami. Imayelana nokujabula kwabathengi bayo. Isiphuzo esinika abantu inkululeko yokuxhumana futhi bakhe izinkumbulo zesikhathi eside”, kusho u-DJ Tira ongumsunguli weMakoya Beverages.
“Isitokwe esibaliwe seMakoya Bearings Cider singaphezu nje kokuba semakanini, kodwa singukugubha osaziwayo abanika isizwe ithemba futhi sinika ithuba abalandeli ukuthi bebe nezwi ekutheni bafuna sibukeke kanjani futhi bathokozele i-cider yabo eyintandokazi.
“Ngimagange ukubona ukuthi abantu bazokhetha bani, futhi ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukusebenzisana nalomuntu abazomkhetha”, kusho u-DJ Tira.

Isithombe: Libukeka kanjena ikani leMakoya Bearings Apple Cider
IMakoya Bearings isiyatholakala ezitolo ezikhethiwe, kanti futhi kunezinhlelo zokuthi isabalale kuzwelonke.