UYAKHULA UMKHANKASO KAPHUMLANI GUMEDE WOKUSIZA ABESIFAZANE ABASEBANCANE
INSIZWA esiphenduke intandokazi kubantu abaningi ngokuhlezi ifaka ama-video ezinkundleni zokuxhumana i-Facebook ne-Tiktok yenza imidlalo ehlukene nogogo wayo, uPhumlani Gumede kuthe ngesonto eledlule yanikela ngamaqakelo (sanitary towels) kubafundi besifazane baseSikhuthele Secondary School eMandeni.
UPhumlani ufike kulesi sikole ehambisana noqweqwe lomethuli wezinkulumo ezakhayo, uScelo Mncube kanye noMnuz. Mabunga.

Isithombe: UPhumlani Gumede ekhuluma nabafundi besikole iSikhuthele Secondary School ngesikhathi ezodlulisa umnikelo wamaqakelo (sanitary towels) kubafundi besifazane
Usekusho kaningi uPhumlani ukuthi kuyiphupho lakhe elikhulu ukuthi adlulisele amaqakelo kwabesifazane abasebancane ngoba uyazazi izinselelo ababhekana nazo abanye ngenxa yokweswela amandla okuzithengela kanti ziyisidingo kule minyaka yabo. Amaqakelo lawa asiza abesifazane uma besendaweni yabo noma bengena esikhathini sokudedela igazi esithweni sabo sangasese (menstrual period) ukuvimbela igazi ukuthi lingadedeleki noma ikanjani.
Nakuba ekuthola ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngalomkhankaso wakhe, njengoba kuvame ukuthi acele usizo kwabalandela amakhasi akhe kodwa akapheli umoya njengoba eveze ukuthi ufisa ukuqhubekela phambili asize abesifazane abaningi.
Utshele UMKHAYA ukuthi eSikhuthele Secondary School udlulisele amaqakelo emantombazaneni ayikhulu namashumi ayisishiyagalombili (180). Uthe kumjabulisile ukuwabona emamatheka ngesikhathi amukela umnikelo wakhe nokuyinto athi iyawuthokozisa umoya wakhe.
Ubonge kubo bonke abasabelayo uma ecela iminikelo, wanxusa ukuthi bengadinwa uyena njengoba esazohamba ibanga elide nalomkhankaso wakhe. “Ngiyabonga kakhulu kubo bonke abanikelayo. Ngicela ukuthi beqhubeke bengisize ngoba ngaphandle kwabo akwenzeki lutho”, kusho uPhumlani.
Uthe isifiso sakhe esikhulu ukuthi amaqakelo atholakale mahhala njengoba kwenzeka kumajazi omkhwenyana.