IZODLALWA UBUTHAPHUTHAPHU INGOMA EPHEKWA U-TNS
UMDIDIYELI womculo, umqambi wezingoma ophinde abe ngu-DJ, u-TNS upheka ulozolo lwengoma eyi-single ayiqambe ngokuthi Bath’uthwele ezwakala izobhincisela nhlanye ezinye izingoma njengoba kubhekwe emaholidini kancibijane. Le ngoma ezophuma mhlaka-25 Mfumfu akungabazeki ukuthi izodlalwa ubuthaphuthaphu njengoba inesigqi esigijimayo futhi esihambisana nomuzwa wokujuxuza.
U-TNS ongowokuzalwa eMandeni, KwaZulu-Natali uyaziwa ngokuqamba izingoma ezinomyalezo owakhayo, nakulokhu akaphoxanga njengoba le ngoma ikhuluma ngezimo lapho abantu behluleka ukusiza umuntu mayesazihlanganisela empilweni kodwa mayesephumelela bese bemahlulela, abizwe ngamagama, kwesinye isikhathi kuthiwe uthwele.
Izinhlamvu ze-chorus yale ngoma zihamba kanje:
“Kunenkinga yomona kulelizwe s’phila kulo, bak’thanda mawuhlupheka kodwa masu phumelela abaningi bath’ uthwele;
Oh, mhlabeni abantu bazophela, ungenisile umona, ungenelisile umona, bazophela abantu ezweni”.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo nomhleli woMKHAYA emasontweni edlule ululeke abaculi abasafuna ukungena endimeni yomculo ukuthi bezithibe ezintweni eziningi ezingaphazamisa iphupho labo futhi bebeke phambili uNkulunkulu kwabakwenzayo. “Engingakusho ukuthi kumele uma uwumuntu ufunde ukuzithiba ezintweni eziningi, usondeze uNkulunkulu kunoma yini oyenzayo.
“Uma kuthiwa phusha kusuke kuqondwe ukuthi phoqa, ngoba abantu abaningi bagade ukuthi ungaphumeleli kodwa mawuphoqa futhi uyimele into yakho, noma kanjani uzophumelela”, kusho u-TNS.
Lo mculi ozithobile kuyamsiza kakhulu ukuphila impilo ejwayelekile kanye nokusondelana nabantu emazingeni aphansi ngoba kwenza umculo wakhe ukhulumisane nezimo abantu abaphila ngaphansi kwazo futhi bezizwe beyingxenye yomsebenzi wakhe.
Uyaziwa futhi ngokufaka isandla alekelele emiphakathini uma kunezinhlekelele eziwukhahlamezayo njengoba eke wanikela ngezimpahla zokugqoka nokudla oThongathi, okuyindawo esenyakatho kumasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali. OThongathi bekuhlasele isiphepho nemvula enamandla eyashiya imizi eminingi ingenaphahla, kwathi eminye yadilika ngoNhlangulana nonyaka.
“Angisho ukuthi kufanele kube nezinhlekelele njalo kodwa uma sezenzekile kufanele ukuthi njengabaculi sikhombise ukubeseka abantu uma besezinkingeni kwazise nabo bayaweseka umsebenzi wethu”, kusho u-TNS.
U-TNS wodumo lwengoma ethi Umona ayenza noMpumi useqalile ukuvakashela izindawo zobumnandi ngenhloso yokuphusha ingoma yakhe. Ngomhlaka-19 Mfumfu uzobe eseJozini eMafifi Lounge emcimbini obizwa nge-Shorts & Shades ehambisana nabanye abaculi. Kuzobe sekuthi ngomhlaka-25 Mfumfu abe seKhayelikhulu Shisanyama, eMontobelo eNdwedwe emcimbini obizwa ngoMdanso Friday, nakhona yiso leso kuphushwa yona le ngoma.
Uma ufuna ukulalela lolu ngqambothi lwe ngoma ayenze no-Funky QLA ungangena kule-link: http://africori.to/bathuthwele, noma kanjani uzolokhu uyiphinde njalo.