Imibono

BAYINGCOSANA ABAFANA NO TITO MBOWENI, APHUMULE NGOKUTHULA


SITHE nathi lapha kuMKHAYA asibhonge emswanini njengoba abantu zinkalo zonke bezwakalisa ubuhlungu ngokudlula emhlabeni kukaMnuz. Tito Mboweni owayengungqongqoshe wezezimali kuleli. UMnuz. Mboweni ozalwe ngomhlaka-16 Mbasa 1959 eTzaneen udlule emhlabeni ngezintatha zangesonto mhlaka-12 Mfumfu 2024 emuva kokuxinwa ukugula isigubhukane. Ushone eseneminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu (65).

Mina ngiqale ukumazi kahle uMnuz. Mboweni esesayina imali okuthengwa ngayo nokuyilapho engazi khona ukuthi umuntu osayina imali usuke engumengameli webhangengodla kuleli. Ngaphambi kokuthi imali isayinwe uMnuz. Mboweni ibisayinwa umlungu uMnuz. Chris Stals obekunguye obengumengameli waleli bhange elikhulu kuleli. Lokhu kukodwa kusho lukhulu ngalo mholi ogogodile emkhakheni wezezimali kanye nezomnotho njengoba ebe ngumengameli wokuqala omnyama ukuphatha ibhangengodla. Lesi khundla usiphathe kusukela ngo-1999 kwaze kwaba u-2009.

Emuva kokuphuma emsebenzini wokuphatha ibhangengodla ube eseziqhubekela namabhizinisi akhe okuhlanganisa amapulazi aseLimpopo okuyilapho aziqhubekele khona nempilo njengomuntu ojwayelekile. Ungumsunguli weMboweni Brothers Investment Holdings kanti uke waba umeluleki wabanikazi benkampani yaphesheya kodwa enamahhovisi kuleli i-Gold Sachs International. Uke waphakanyiselwa esikhundleni sokuba ngomunye wabaqondisi be-New Development Bank ebingaphansi kwe-BRICS emele elakuleli. Uphinde waba ngusihlalo wemayini i-AngloGold Ashanti nomqondisi wenkampani edayisa izakhiwo i-Accelerate.

Ngesikhathi obesengumengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa ethatha izintambo umlandile ngo-2018 emuva kokushiya kukaMnuz. Nhlanhla Nene obengungqongqoshe emnyangweni wezezimali ukuba azolekelela ukuzogcina uzinzo kulo mnyango. Uthe esebona ukuthi selukhona uzinzo naye wase ecela ukubeka phansi izintambo ngomhlaka-5 Ncwaba 2021. Emuva kwakhe kube sekungena uMnuz. Enock Godongwane.

Okuqaphelekile ngoMnuz. Mboweni ukuthi ubengumholi ongazibekile phezulu. Uphile ngendlela ejwayelekile, enza izinto ezenziwa iwo wonke.
Asazi noma ubenaye yini umuntu abambisene naye kwezothando kodwa besijwayele ukumbona eziphekela njengoba ubejwayele ukufaka izithombe nama-video elungiselela ukupheka izitshulu ekhishini lakwakhe. Ukudla abekhonze kakhulu ukukupheka inhlanzi esethinini kanye nenyama yenkukhu.

Muva nje uke wafaka izithombe ekhasini lakhe lika-Facebook lapho ebevakashele khona isikole samabanga aphansi ake wafunda kusona ezigqokele njengobaba wendawo futhi kungamkhathazi lokho.

Ubengumuntu ogqoka noma ikanjani, engenandaba nesitayela noma izimpahla zokugqoka ezinegama. Ubenganqeni ukugqoka ngisho izingubo ezindala okuhlanganisa nezicathulo ezingapholishiwe nezigqoko ezibukeka zigugile.

Kunengoma eqanjwe ngaye umculi we-rap kuleli u-Cassper Nyovest lapho igama elithi Tito Mboweni libizwa izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu (75) ngemizuzu nje emine. Le ngoma ikhuluma ngomsebenzi wakhe abewenza esengumengameli webhangengodla lakuleli njengoba ubesayina imali okuthengwa ngayo.

Ubenganqeni ukubeka imibono yakhe ngendlela athanda ngayo engenandaba ukuthi abanye babona kanjani. Futhi ubehlale ekulindele ukungena kwinkulumo mpikiswano nanoma ubani, ezithemba ngemibono yakhe ngezihloko ezibalulekile ezimayelana nezomnotho. Ugogodile ezifundweni zezomnotho njengoba ethweswe imiyezane ye-Bachelor of Arts (Hons) in economics. Kwathi ngo-1988 waphothula i-Master of Arts in Development Economics e-University of East Anglia e-England. Ngaphambi kwalokho, ngo-1979 ubhalisele ukwenza i-degree kwi-Bachelor of Commerce nokho wabuye washiya phakathi esefulathela elakuleli eyojoyina umzabalazo ngo-1980.

Uphume kuleli walibangisa eLesotho lapho ehlangane khona nozakwabo be-African National Congress (ANC) abese bevele besemazweni angaphandle.

Ngesikhathi uMnuz. Nelson Mandela ethatha isikhundla sokuba umengameli wezwe wokuqala kuleli ngo-1994 wamenza ungqongqoshe emnyangweni wezabasebenzi ngenxa yamagalelo akhe ekulweleni izimfuno zabasebenzi ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo. Ubambe iqhaza elikhulu ekwenzeni imithetho eqondene nezabasebenzi, okuhlanganisa ukwakha izithangami ezivulelekile zokubonisana emsebenzini kanye nokwakha izinkantolo zabasebenzi. Ubambe lesikhundla kusukela ngoNhlaba 1994 kwaze kwaba uNtulikazi 1998.

Ushiye emhlabeni abantwana bakhe abathathu. Sengathi umndeni wakhe, izihlobo, abangani kanye nozwakabo kwezepolitiki bengalala ngenxeba, bese umoya wakhe uphumula ngokuthula.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.