BAWOTHA UBOMVU ABASESWATINI NGEMALI EKHOKHELWE ‘UKUTETEMUKISA’ INDODAKAZI KAZUMA NABANGANI BAYO
ABANTU basezweni Eswatini sebezwakalise ukungenami ngesenzo sikahulumeni wakuleliya zwe emuva kokukhokhelwa kwezindleko zohambo lweNkosi uMswati III oluzodla imali engu-R200 million yabakhokhi ntela. INkosi Mswati isohambeni lomsebenzi lapho iphekezelwa khona ingoduso yayo uNomcebo Zuma, oyindodakazi yalowo owayengumengameli wakuleli, uMnuz. Jacob Zuma.
Inkosi uMswati noZuma bazoba ingxenye yomhlangano i-World Food Forum e-Italy, bese beqhubekela phambili ohambeni lukahulumeni e-Serbia. Bazobe sebeyivala ngokuya e-Samoa emhlanganweni we-Commonwealth Heads of States.
Ngokombiko wephephandaba lakhona Eswatini, iSwaziland News kuvele ukuthi kunesamba semali esikhishwe uhulumeni sokuthi iNkosi nesithandwa sayo bezijabulise.

Isithombe: INkosi Mswati III nengoduso yayo uNomcebo Zuma behla endizeni
Okucasule kakhulu abantu bakuleliya zwe ukuthi ingoduso yeNkosi Mswati ihamba nosakabhudu lwabangani bayo kanye nezihlobo zayo ezivela KwaZulu. Isinqumo sokuthi uZuma aphekezelwe abangani kanye nezihlobo zakhe sithathwe ngoba kwenzelwa ukuthi angabi nesizungu.
AbasEswatini bakhala ngokuthi imali yabo izodliwa abantu baKwaZulu ekubeni izingane zabo zithwele kanzima emanyuvesi, ezinye ziyazibulala ngenxa yokungaxhaseki. Imishanguzo yokuthithibalisa izifo iyashoda emitholampilo yendawo nasezibhedlela, kanti nasezikoleni zamabanga aphansi othisha bayashoda nezinsiza kusebenza azikho.
Kuthiwa uhulumeni usuhluleke wancama ukukhokhela osomabhizinisi abancane imali yabo uma kade bethole umsebenzi eminyangweni nosekuholele ukuthi amabhizinisi abephilisa abantu abangamaSwati ewe bhu phansi.
Indlala ekhungethe izwe iyesabeka, kanti uhulumeni uyagoloza ukunyusa imiholo yabasebenzi kuhlanganisa abahlengikazi, othisha, amasosha, amaphoyisa, izicishamlilo, nojele. Kubikwa ukuthi ngesonto eledlule kusuke izikhulu eziyishumi zesikhungu esiqoqa intela emuva kokuba uhulumeni enciphise isabelomali salesi sikhungo esibaluleke kangaka ezweni.
Bakhuluma kanjena nje abantu basEswatini sekuvele ukuthi ithimba lezikhulu zikahulumeni elihambe neNkosi linikwe imali engu-R500 000 umuntu emunye wokuzijabulisa.
Kuxhunyanwa nokhulumela iNkosi Mswati, u-Percy Simelane mayelana nezindleko zalolu hambo uthe ihhovisi lakhe alingeni ezindabeni zemali yohambo kodwa kungaxhunywana nongqongqoshe womnyango wezangaphandle. Imizamo yokuthola ungqongqoshe wezangaphandle Eswatini, uNkk. Pholile Dlamini-Shakantu naye osethimbeni elihambe neNkosi Mswati ayiphumelelanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz. Zuma onguyise kaNomcebo wadikila izingxoxo zamalobolo ngesikhathi ithimba elalivela Eswatini litheleke emzini wakhe oseNkandla, KwaZulu-Natali lizocela isihlobo esihle emzini wakhe ngoNhlangulana nonyaka. Kuthiwa uMnuz. Zuma wadinwa wagana unwabu ngesikhathi ethola ukuthi kanti ithimba leli lizolobolela yona iNkosi Mswati uqobo emuva kokuba yayikhulume naye [uMnuz. Zuma] ukuthi ingathanda indodakazi yakhe igane indodana yayo.