U’SBU’ UTHI AKAYONA INHLEKABAYENI
UMDLALI woZalo oyintandokazi kubantu abaningi uSimphiwe Majozi odlala indawo kaSbu kulo mdlalo uveze ukuthi abantu kufanele bekuqonde ukuthi akayona into yokudlala futhi ehlezi ihleka. Lo mlingisi waseThekwini uqhubeke wacacisa ukuthi umsebenzi wakhe owokuba umlingisi, hhayi usomahlaya njengoba abaningi becabanga.
Ukhuluma kanjena nje uMajozi uzosingatha umcimbi wamahlaya i-South Africa’s Best Comedy Experience e-Playhouse Opera Threatre eThekwini mhlaka-15 Lwezi lapho ezobe ehambisana khona nomsakazi weGagasi FM, u-Felix Hlophe, Skhumba Hlophe, Simphiwe Shembe, Isaac Gampu noNonto R.
“Angiyena usomahlaya. Ngokomsebenzi ngiwumlingisi ongadlala noma iyiphi indawo ayinikwayo. Ngakho okwenzeka manje ukuthi emdlalweni engaziwa ngawo uZalo ngidlala indawo kaSbu. Ngiwumuntu onakho ukuteketisa okwenza abantu baphambanise, kube ngathi ngingusomahlaya’, kusho yena.
UMajozi uthe yena ungumlingisi ongadlala noma iyiphi indawo anikezwa yona, nokuyinto edida abantu. Uthe kungenzeka ngonyaka ozayo adlale indawo ezomenza esabeke.
“Kufana no-Jammie Fox, uma ungabuka amanye amafilimi awadlalayo akusiniswa amahleza. Ungumlingisi osezingeni nami nginjalo, ilapho engithola ukugqugquzeleka khona. Nakhona lapha eNingizimu Afrika ngibukela kubantu abafana no-Joe Mafela ongasekho, njengoba ikhona imidlalo lapho engahleki khona”, kushi uMajozi.
Uthe sekuqhubeka umcimbi wamahlaya, yena uzobe engumphathi wohlelo hhayi usomahlaya. “Ngithathe isinqumo sokuthi ake ngilethe amahlaya kubantu futhi ngihlanganise abangani bami abayizingwazi emahlayeni. Ngakho ngichazela abalandeli bami ukuthi ngingusomahlaya noma angisiye”, kusho yena.
Utshele iziko lezindaba ukuthi umcimbi wakhe wamahlaya uzokwenziwa ezweni lonke. “Sisazoya e-Cape Town nase-Pretoria State Threatre. Sisazohamba kakhulu. Ngibuyela entweni engayithanda kuqala okuyi-threatre. Isiminingi iminyaka ngagcina ukuba khona”, kuphetha yena.