Izindaba

UBUKHOSI BAMAMPONDO BUDINWE UMDLALO OKHULUMA NGAWO BUNGAZISIWE

INDLU yobukhosi besizwe samaMpondo e-Eastern Cape idinwe yagana unwabu emuva kokuthola izindaba zokuthi kunomdlalo owuchungechunge osuqoshwe waze wasesigabeni sokuvela kumabonakude singazisiwe ngawo. Le ndlu kanye neMadiba Crisis Committee baziqhelanisile nalo mdlalo obizwa ngokuthi iMpondoland njengoba bethi abaziswangwa ngawo.

Ngokuthola kweziko lezindaba i-Sunday World lomdlalo ugxile empilweni yabantu abangamaMpondo futhi uqoshwe esifundazweni iGauteng.

Phakathi kwabanye abalingisi abavela kwiMpondoland kukhona oTina Jaxa, Loyola Xundu, Siziphiwe Maqubela Luzuko Nqeto, Ayanda Mankayi, no-Anele Mtoti nabanye.

Indlu yasebukhosini bamaMpondo kanye nabantu basendaweni bakhala ngokuthi akekho ozihluphe ngokubazisa ngokuqoshwa kwalo mdlalo ‘okuthiwa’ ukhuluma ngabo. Baphinde bezwakalisa ukungenami kwabo ngabalingisi okuthiwa bazobonakala kuwona.

“Indlu yokukhosi bamaMpondo ayaziswangwa ngalo mdlalo, empeleni nje asiwazi. Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi usuvele uphakathi nokuqoshwa. Asazi ukuthi ulwazi ngathi balutholephi futhi kanjani”, kusho uMbasa Sigcau okhulumela le ndlu.

“Okunye okusicasulayo ukuthi lo mdlalo unabalingisi abaningi abangesiwona amaMpondo futhi abangasikhulumi. Manje sikhathazekile ukuthi labantu bazokwazi yini ukukhuluma isiMpondo ngaphandle kokuthi bezwakale njengabantu abakhuluma isiXhosa”, kuqhuba uSigcau.

Uthe banomona ngolimi lwabo kanye nesiko labo. “Sithemba ukuthi ngeke baluxove. Ngikusho lokhu ngoba amasiko abeNguni athi awefane kodwa awasiyo into eyodwa. Ngaleyo ndlela kulula ukuwaxova uma ungawazi umehluko.

Eqhubeka uthe bewumbuso wamaMpondo basanda kufaka isiphakamiso kuhulumeni ukuthi ulimi lwabo lube ngolunye lwezisemthethweni kuleli.

Uthe bona njengesizwe ngeke belawule abadidiyeli bomdlalo. “Siyazi ukuthi bangabaqambi namaciko futhi basebenza ngendlela yabo. Asinayo futhi inhloso yokugaxela emsebenzini wabo kodwa ukube bebesivakashele besizothokoza”, kusho uSigcau.

Umsunguli weMadiba Crisis Committee uNonhle Mbuthuma, naye uthe akanalwazi ngomdlalo okukhulunywa ngawo. “Okokuqala nje ngizwa ngawo. Ngikhathazekile kwangoku ukuthi kuke kwaxhunywana yini nabantu basendaweni, ngoba ngabe sengiyazi.

“Ngiyafisa ukwazi abacwaningi nababhali bawo. Angiwungabazi umsebenzi wabo kodwa sihleze njalo sivezw njengabantu abangenasiko futhi abangafundile. Asifuni ngempela ukuthi kwenzeke lokho”, kusho yena.

*Lolu daba luqale labhalwa i-Sunday World

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.