Izindaba

KUHLUKENE IMIBONO U-DJ TIRA EFAKA IKHANDA LAKHE ETSHWALENI

UZITHOLE ebhekana nombuzo ocikayo womlandeli wakhe ku-Facebook u-DJ Tira emuva kokuba ememezele izinguquko endleleni imikhiqizo yakhe yotshwala esizobukeka ngayo. Lo DJ usanda kumemezela ukuthi isiphuzo esiyi-apple cider iMakoya Bearings sesizobukeka ngendlela ehlukile kuhlanganisa nokuba khona kwesithombe sekhanda lakhe kusona.

Echaza ngalezi nguquko uthe iMakoya Bearings umkhiqizo ohambisana nosikompilo lwabantu baseNingizimu Afrika, hhayi ngokunambitheka nje kuphela kodwa nangendlela eshibhe ngayo.

“Ubuso emkhiqizweni… Buka ukuthi bangakanani abazolandela. UMakoya umqali wezinto. Unesibindi ngokwanele? Woza ungijoyine”, kusho lo-DJ ongumnikazi wesitebele somculo i-Afrotainment.

Abanye abantu abayizwanga kahle eyalezi zinguquko njengoba kunomlandeli ovele wangena ekhasini lika-DJ Tira waphawula ngaphansi kombhalo obufakwe ilo-DJ lapho ebememezela khona ngalezi nguquko.

“Besikhona kodwa isidingo sokufaka ikhanda lakho?”, kubuza umlandeli.

U-DJ Tira akazithambisanga naye njengoba ebuze lomlandeli ukuthi ukuthi uke aphawule yini ngesithombe sekhanda lomuntu esisemkhiqizweni wenyama i-KFC?

Noma kungaziwa ukuthi abantu bazokwejwayela yini ukuphuza utshwala obunekhanda lomuntu abamaziyo kodwa ngeke kuphikwe ukuthi lo-DJ uqophe umlando ngokuqhamuka nalomqondo omenza ehlale njalo esondelene nabalandeli bakhe abazifelayo ngaye.

Uqinisekise abantu ukuthi yize kunalezinguquko kodwa iMakoya Bearings isazoba nalokhuya kunambitheka okuhlabahlosile abakwaziyo. futhi abakuthandayo. Akungabazeki ukuthi izinguquko ezenziwe u-DJ Tira zizoba nomthelela omuhle njengoba kubhekwe esikhathini samaholidi kaZibandlela futhi izohlala ithi qekelele, yehluke eziqandisini ezitolo nasemakhaya.

Nakuba kukhona abebegxeka, abanye bakhombise ukuzithakasela lezi nguquko njengoba inqwaba ikhale nangokuthi ezindaweni zayo ayibutholi lobutshwala. “Iyatholakala eLimpopo? Nathi sifuna ukuyiphuza. Singayithola kuphi”, kubuza umlandeli. Omunye ongu-Marlen Mj Johnston uthe: Asijabule ngalokhu okwenza kithi, sicela ulethe iMakoya Eswatini”.

U-DJ Tira uveze ukuthi iMakoya Bearings iyatholakala ngamakani ezitolo zase-Spar Tops, kuhlanganisa esiseMlazi Mega City, Brigde City, Pinetown Mega, Durban Workshop naseMpangeni. Kuzothi ngomhlaka 26 Mfumfu abe seBotshabelo Stadium, lapho azobe eqhubeka khona nokuphusha umkhiqizo wakhe wotshwala ehambisana neQwabe Twins, Milo, Dladla Mshunqisi no-Farmboy.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.