KUBULAWE AMALUNGU OMNDENI (7) ESABUNGAZA UKUFIKA KWAMALOBOLO
KUDUTSHUKWE kwabulawa abantu abayisikhombisa ngesikhathi besajabulela ukulethwa kwamabolobolo emzini othile endaweni yaseMokokotlong e-Orange Farm. Kuthiwa lokhu kwenzeke emuva kokuba umnikazi wendawo yokucima ukoma esendaweni ebe nengxabano nomunye womndeni obekuzolotsholwa kuwona wase edubula abantu abayikhombisa abebesegcekeni.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng u-Brigadier Brenda Muridili uthe omunye wabafile uye endaweni yokucima ukoma esendaweni nezintatha zangeSonto eyothenga utshwala wafika sekuvaliwe. Ube esencenga umnikazi walendawo ukuba avule, wangavuma bagcina ngokuxabana wabe esebuyela ekhaya. “Kusolwa ukuthi umnikazi wendawo edayisa utshwala ube esethatha isibhamu sakhe walandela lona obezothenga. Ufike amalungu omndeni esabhiyozela ukufika kwamalobolo. Umnikazi wendawo edayisa utshwala ungene endlini wangabuza lutho wadedela inhlamvu kumalungu omndeni abesendlini, kwafa ujuqu ayisikhombisa”, kusho uMuridili.
Eqhubeka echaza uthe kwabafile kuhlanganisa nengane yomfana ebineminyaka emithathu, umakhelwane nomngani. “Abantu abane basindile kulesi gameko. Oneminyaka engamashumi amathathu nanye nosana olunenyaka owodwa baphuthunyiswe esibhedlela belimele kanzima kwathi umuntu oneminyaka engamashumi amabili nane nengane eneminyaka emine bona abalimalanga”, kusho uMaridili.
Echaza uthe umsolwa ube esubuyela emuva endlini yakhe ese-Everton, wafike wazidubula naye. “Uphuthunyiswe esibhedlela lapho afike wafela khona”, kusho uMuridili.
Uphiko lwamacala abucayi nodlame esifundazweni luvule icala lokubulala abantu abayisikhombisa, amathathu okuzama ukubulala nelilodwa lokufa komuntu ozibulele.