Imibono

YEKELA UKUNISELA IZIMBALI EZIFILE, UCHITHA ISIKHATHI

KONKE kunesikhathi sakho ngaphansi komthunzi welanga kanti futhi konke kunesizathu sokwenzeka. Izinto ezisilimaze kakhulu empilweni yilezo esibambelele kakhulu kuzo noma sibona ukuthi ziyasilimaza. Sisuke sibanjwe kakhulu ukwesaba okungahle kwenzeke kanye nethemba lokuthi kusazoshintsha. Uma ngabe unisela noma ngabe isiphi isitshalo usuke ulindele ukuthi sizokhula siqhakaze ujabule. Kepha ke uma unisela kungabi namphumela?. UJehova wasipha umqondo nonembeza. Zombili kezizinto ziyakutshela ukuthi lento oyenzayo inomphumela omuhle okanye omubi.

Ngake ngafunda ukuthi ezweni laseNdiya bazibamba kalula izinkawo. Bavele benze umgoga olula. Basebenzisa ukhamba oluyingilazi belwenze lube nomlomo omncane bese befaka izixha zamakinati phakathi. Inkawu uma isondela ikhangwa amakinati bese iwalangazelela. Ifike ifake isandla phakathi. Akubi nzima kakhulu ukufaka isandla phakathi ngoba vele sisuke singaphethe lutho. Inkawu ke ivele ifune ukuwasavuna kakhulu amakinati agcwale isandla. Kubalula futhi lokho ngoba vele sikhululekile isandla ngaphakathi okhambeni. Inkinga iqala uma isithi iyasidonsa sifike sibambeke emlonyeni wokhamba kwazise sisuke sifumbethe. Inkawu ke yona ivele ingafuni ukudedela amakinati kuphume isandla noma ithathe amancane. Iyaqhubeka iphoqe. Ngenxa yalokho kutibila nokuphoqa sigcina sesibambeka ngqi isandla singabe sisakwazi ukubuyela emuva noma phambili. Iyotibila ke kuze kufike umnikazi womgoga ayibambe kalula.

Lokhu kusifundisa ukuthi ezinye izinto kumele sizidedele ukuze impilo iqhubeke. Akubona bonke abantu okumele bebenathi unomphela empilweni yethu. Ungabaphoqi labo esebefuna ukushiya badedele bahambe. Imuva liyabambezela uma ulokhu ugxile kulo. Noma kubuhlungu yemukela uqhubeke nendlela. Kusizani ukukhombisa uthando olukhulu kumuntu ongenandaba? Kusizani ukuzihlupha ngobungani nobudlelwano lapho kunguwe wedwa ozama ukubuphilisa? Kungani njalo kumele kube nguwe ozihluphayo. Ezinye izinto azidingi ukulungiswa ziyashiywa kanjalo. Izinto ezidla kakhulu kuwe uzithole usungenayo injabulo nethemba, lezozinto aziyifanele impilo yakho. Bekezela kuphela uma lisekhona ithemba namaqhinga. Uma inhliziyo isizidelisile yemukela udlulele phambili. Impilo iyaqhubeka.

Ukunisela izitshalo ezifile kuchitha isikhathi, kuyakhathaza futhi akuyilungele impilo yakho. Ubani odalelwe ukuhlukumezeka nosizi? Akekho.
Empilweni kubalulekile ukuhlaziya izinto ubone ukuthi zinamthelela muni kweyakho impilo. Iluphi ushintsho nokukhula okutholayo kulobo budlelwano, msebenzi, bungane nempilo nje oyiphilayo?. Yini ozoyenza ukuze isimo sibengcono?. Ungachithi isikhathi ezintweni ezikuchithela isikhathi. Uma wenzenjalo kufana nokuthi unisela izitshalo ezifile.

Khumbula ukuthi nawe unempilo okumele uyiphile futhi kunamaphupho okumele uwafeze. Ungazikhohlwa ngoba nawe ubalulekile.

Lokhu ochitha isikhathi kukho kuba nomthelela omkhulu empilweni yakho.

Kuze kube ngokuzayo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die in The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.