Izindaba

U-AMANDA MANKU UTHI AKUDLULI OKWAMEHLELA KUBULAWA UNINA NOGOGO

UMLINGISI womdlalo oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam u-Amanda Manku uthi usakuthola kunzima ukudlulisa isigameko sokubulawa kukamama nogogo wakhe ngubaba omzalayo. U-Amanda udlala indawo ka-Lizzy Thobakgale ku-Skeem Saam.

U-Glady’s Manku (43) no Letty Maphothoma badutshulwa bafa ngo-2021 besendleleni ebheke ekhaya kade beyokha amanzi. Kwaboshwa abasolwa abathathu ngokubulawa kwabo okungo-William Manku (53), David Khoza (40), noNonhlanhla Ngubo (42). Umsolwa u-William Khoza ongubaba ka-Amanda owayeshade nonina ugcine egwetshiwe ngaleli cala.

Ekhuluma ohlelweni olwethulwa uPopi Koetle i-Mommy Diaries uveze okuningi mayelana nokubaluleka komthandazo nangobudlelwane anabo nengane yakhe.

Ukhulume kabanzi futhi ngesigameko sokubulawa kukanina nogogo wakhe, okwenzeka esazama ukwakha ubudlelwane nengane yakhe futhi esafunda ukungena esigabeni sokuba umama.

“Angikaze ngikudlulise, nami ngafa kanye nabo. Ngicabanga ukuthi ngelanga abafa ngalo kukhona into eyafa kimi”, kusho yena.

“Umama wangithola eneminyaka eyishumi nanhlanu (15), besifana nabangani, ugogo wami uphenduke waba umama kimi. Ngesikhathi befa ngaba nokumcasukela okukhulu uNkulunkulu ngendlela abafa ngayo”, kusho yena.

Uthe ngesikhathi sisesisha lesigameko wayezitshela ukuthi akanankinga kodwa kuthe ngo-2024 kwacaca ukuthi abasekho nokuyilapho okwaba nzima kakhulu.

“Bebeyikho konke kimi. Uma ulahlekelwa umama kuba nzima kakhulu. Angikwazi ubuhlungu bokulahlekelwa ingane noma ubaba.

“Kuba yinto okunzima ukuthi uyedlulise, lapho kufanele uqine. Ubaba wayewumngani wami omkhulu, eyikho konke. Wayengeve ewubaba oqotho futhi umuntu ongazi kahle uyazi ukuthi bengikhuluma kahle kanjani ngaye kodwa manje useyindoda eboshelwe ukubulala umama nogogo wami.

“Benginabazali abafanelene abangithola besebancane bobabili”, kusho yena. Uthe uyise ufana nosefile empilweni yakhe yize esaphila.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.