EZISEMATHENIIzindaba

SIBOSHIWE ISIKHULU ESISHAYISE UMFUNDI WAFA E-NELSON MANDELA UNIVERSITY EMUVA KWENGXABANO

“Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi kunophenyo ngecala lokubulala emuva kokuba umfundi oneminyaka engamashumi amabili nane (24) obehamba ngezinyawo eshayiswe imoto ku-Clyde Street e-Central ngomhlaka-29 Mandulo”, kusho u-W/O Nkohli.

“Imoto enombala osasibhakabhaka i-Mercedes-Benz kusolwa ukuthi ishayise umufi, okutholakale ukuthi ufe ujuqu. Okuholele kulesi gameko kungeminye yemininingwane ephenywayo”, kusho yena.

Isikhungo abefunda kuso lo mfundi sikuqinisekisile ukuthi uNdlovu ubulawe ukushayiswa ile moto emuva kwengxabano abe naye nomphathi wezindawo zokuhlala abafundi engaphandle kwamagceke aso futhi okuyindawo ephethwe ngasese.

“Isikhungo sisathukile futhi siyasigxeka lesi senzo esiwubuthutha esenzekile”, kusho isikhungo.

Umndeni kaNdlovu usuveze ubuhlungu bawo ngokuhanjelwa indodana yawo ekhasini elivulwe abafundi ngenhloso yokuhlanganisa ndawonye abantu abazwelana nalo mndeni futhi kulwelwe ubulungiswa ngokufa kwakhe.

Umama kaThandolwami uXolisile Shongwe uthe: “Indodana yami ife kabuhlungu”. Udadewabo uThembelani MaNdlovu Wilson udlulise umyalezo othinte abaningi ngomfowabo.

“Uthando lukamfowethu belungaphezu kokumamatheka nokuhleka obekubonakala ezithombeni nakuma-video akhe. Bekuyinto yansuku zonke, ewumthombo wamandla abephakamisa umoya uma ngizizwa ukuthi angikho esimeni esikahle.

“Ubehlale njalo engibheka uma ngingedwa, emi nami nangesikhathi ngisesibhedlela futhi nginobuhlungu. Ubazi izimfihlo zami ezinzima nobuhlungu kodwa futhi ekwazi ukungihlekisa.

“Uthando lwakhe belumnene, lungenambandela futhi lungeqhathaniswe nalutho. Ngesikhathi nginyamalala wangikhumbuza ukuthi ngimuhle kanjani futhi ehleze njalo ethatha uhlangothi lwami, engakhathali.

“Umfowetho ubengaphezu kokuba umnewethu, ubeyidwala lami, umlingani ebengihleka naye futhi ngiphelela kuye. Ngiyohlale njalo ngimthanda”, kusho uThembelani.

Sibhale lapha kune-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho abafundi bebevuke indlobane bejikijela ngamabhodlela nezinye izinto ezilimazayo indlu ehlala isikhulu esishayise umfundi ngemoto.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.