“SIYABAZI BONKE ABAQOTHE IMBOKODE NESISEKELO ELUSIKISIKI” – MCHUNU
AMAPHOYISA athi ayabazi abantu abafuna ngacala lokubulawa kwabantu bomndeni owodwa abayishumi nesishiyagalombili (18) eLusikisiki e-Eastern Cape futhi nabo lapho abakhona bayaqhaqhazela njengoba bazi ukuthi asezithendeni zabo. NgoLwesibili ungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz. Senzo Mchunu nokhomishane wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fanie Masemola baqinisekise ukuthi kunomsolwa oyedwa ongungqondongqondo kuleli cala osethathwe amaphoyisa ngenhloso yokumphosa ngemibuzo.
UMnuz. Mchunu uthe abasolwa lapho abakhona bayaqhaqhazale manje. “Sizonitshela uma sesibophe abanye ngokuqhubeka kwezinsuku, ukhomishane uzomemezela. Emuva kokugwexwa ngemibuzo kwabasolwa abaseshi bazonquma ukuthi kumele beboshwe yini.
“Amaphoyisa ayabazi abantu abafunayo futhi sinethemba ukuthi bazoboshwa maduze”, kusho uMnuz. Mchunu.
UMnuz. Mchunu unxuse imiphakathi ukuba ibike abantu abanezibhamu ezingekho emthethweni. Uxwayise abantu ukuthi bayeke ukushayela izandla labo abapepenyeka nezibhamu ezingekho emthethweni.
“Amaphoyisa awazona izangoma. Uma kunomuntu omaziyo onesibhamu esingekho emthethweni futhi esisebenzisela ukuhlukumeza umphakathi, mbike. Iya esiteshini samaphoyisa esiseduze kwakho noma ufonele amaphoyisa ubike ngalokho.
“Akusiyo into eyisitayela lena, imindeni eminingi iyafa ngenxa yokuthi abanye benu bazibiza ngamaqhawe lezigebengu nibe nazi ukuthi zingababulali”, kusho uMnuz. Mchunu.
Kunyakaze izwe lonke kuzwakala izindaba zokudutshulwa kufe abantu bomndeni owodwa abaningi kangaka endaweni yaseNgobozana eLusikisiki ngezintatha zangoMgqibelo. Ababulali badubula abantu emizini emibili esemgwaqeni owodwa. Kowokuqala badubula abantu abane bafa bonke, kwathi kowesibili badubula abantu abayishumi nesishiyagalolunye abebelele emzini owodwa onezindlu ezihlukene kwafa abayishumi nantathu.
Oyedwa obephuthunyiswe esibhedlela kuvele kamuva imibiko yokuthi usephangalele khona esibhedlela.
Kulesi gameko esihlasimulisa umzimba kuthiwa kusinde ingane enezinyanga ezimbili. Kwabafile bayishumi nanhlanu abesifazane, omunye wabo unina wengane enezinyanga ezimbili.