UTHUTHUVA KULWA ABALANDELI KUMBUSO WAMACIKO FESTIVAL
KUSUKE isidubedube esiphazamise uhlelo lokucula kwabaculi ababeyingxenye yomcimbi kamaskandi, Umbuso Wamaciko Maskandi Festival obuseGugu Dlamini Park eThekwini ngoMgqibelo. Kuthiwa abalandeli bajikijele izigubhu zeziphuzo nezinye izilimazo e-stage befuna kunandise abaculi abathandwa ibona.
Abalandeli bebekwenza lokhu yize labaculi ababathandayo bese beculile okugcine kuphoqa ukuthi amaphoyisa kamasipala awuvale lo mcimbi.
uSinethemba Mbangi obekhona kulo mcimbi uthe: “Lesigameko siqale sekugamenxe ihora lesibili ekuseni ngeSonto. Lona bekuwumcimbi obekungenwa kuwona mahhala, kunabaculi abangamashumi amahlanu nesithupha (56)”.
“Ngaphezu kwalokho bekunenqwaba yabaculi abasafufusa nabo abebenandisa. Ngakho bekuyinqwaba yabantu abebegcwele laphana abebephuma ezindaweni ezehlukene eThekwini bezobuka lo mcimbi”, kusho uSinethemba.
“Umcimbi uqale ngoMgqibelo ekuseni, futhi abaculi abaningi abasafufusa bacule bengaphazanyiswa lutho. Inkinga iqale ebusuku sekungena abaculi abadumile, sebenqanyulelwa isikhathi sokunandisa.
“Bese bengakwazi ngisho ukuqeda izingoma zabo ngenxa yesikhathi. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka amaphoyisa angena e-stage awuqeda umdlalo.
“Abantu baqale lapho-ke ukujikijela izigubhu e-stage nezinye izinto ezilimazayo”, kusho yena.
USinethemba uthe abalandeli bebecabanga ukuthi umcimbi uzophela ngehora lesine ekuseni ngeSonto. “Ngisathuke kakhulu ngokwenzeke laphana. Amabhodlela abendiza phezu kwamakhanda ethu, ngibuye ngezwa sekuqhuma nezibhamu. Ngicabanga ukuthi beziqhunyiswa amaphoyisa ezama ukusilawula. Sibaleke sagcwala yonke indawo”, kusho yena.
Omunye umlandeli onguZiningi Majola uthe ulale enxanxatheleni yezitolo eseduze kwalapho obekwenzeka khona umcimbi. “Mina ngilale ezitebhisini zenxanxathela yezitolo eseduze kwaseGugu Dlamini Park. Impilo yami ibisengcupheni futhi bekungenzeka noma yini ngesikhathi kusuka isixakaxaka nakhona kulendawo ebengilele kuyona.
“Sitshelwe ukuthi umcimbi uzophela ngehora lesine ekuseni, ngalesi sikhathi bengizokwazi ukuthola itekisi eya ekhaya. Kodwa abahleli bomcimbi basikhohlisile, umphumela walokho ube ukuthi silale ngilale emgwaqeni”, kusho uZiningi.
Umhleli walo mcimbi uSanele Hlongwa ukuqinisekisile ukuthi kwenzekile konke lokhu. “Ngingakuqinisekisa ukuthi abantu bebengajabule, base bejikijela izigubhu nezinto eziyingozi e-stage. Besazi kahlehle ukuthi kufanele siqede ngehora lesibili kodwa besizama ukuthatha amashansi nathi”, kusho uSanele.
“Esikwenzile sinciphise isikhathi kodwa sizamile ukufaka inqwaba yabaculi emuva kwehora lesibili nokho amaphoyisa abekhona asivimbili ukuthi siqhubeke. Kuyaqondakala ukuthi abantu bebengajabule, ngaleso sizathu bagcina behluleka ukuziphatha kahle”, kusho uSanele.
UGezani Dludla ongumkhulumeli wabahleli bomcimbi uthe uyaxolisa kubalandeli nakubaculi abagcine bengakwazanga ukunandisa. “Sifisa ukuxolisa kakhulu ngalokhu okwenzekile. Nathi besithemba ukuthi sizoqeda ekuseni, ukuze wonke umuntu obelaphana akwazi ukuthola amatekisi abuyela emuva emakhaya.
“Siyazi ukuthi abaculi abaningi bagcine bengakwazanga ukunandisa ngenxa yesixakaxaka esisukile. Bekungelona iphutha labo kodwa ngeke ngithi bazokhokhelwa”, kusho yena.