UBHODLA UMLILO ULETOYA NGEZINSOLO EZENZIWE ABESHADE NAYE
UGCINE ebhodlile umlingisi owaziwayo kuleli uLetoya Makhene emuva kokuba lona abeshade naye uLebo Keswa ezwakale ezinkundleni eziningi zezindaba ekhuluma izinto ezingamahlazo ebezenzeka besashadile. Uthole ithuba lokuziphendulela emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, i-Radio 2000.
ULebo ushiye angalazi nomaphi lapho abethola khona ithuba lokukhuluma ngalo mshado wakhe noLetoya ophinde abe isangoma. Ubemsola ngokusebenzisa izidakamizwa, ukuhlukumeza, ukubefe nokunye okuningi okungalungile okuholele ekutheni kuphele ngomshado wabo.
Ekhuluma ohlelweni luka-DJ Mlu noNala Dagada olungena ngoMgqibelo ekuseni i-Weekend Mornings, uLetoya uthe alikho iqiniso kuyo yonke le nsumansumane ebikhulunywa uLebo, ecacisa nokuthi ukungashayisana kwezinto abezixoxa uLebo kwenza kungabazeke akushoyo.
“Ukube ubeqinisile bekungeke kube khona ukushayisana ezintweni abezisho”, kusho uLetoya.
Uthe nakuba kusabalale lezi nsolo ngaye ezinkundleni zokuxhumana kodwa akekho ngaphansi kwethunzi lokufa. Konke kuhamba kahle akukho okubi okwenzeka kuyena njengoba abantu becabanga.
“Ngidlule ezintweni ezinzima kakhulu empilweni yami futhi engikujabulelayo”, kusho yena.
Uveze ukuthi nakuba ubengaphansi kwalesi simo kodwa ubekuthola ukwesekwa nothando emndenini wakhe nakozakwabo abebemphethe ngothando, ngesineke nangobubele.
“Ngoba phambilini ngike ngangena kule ndawo ebengikuyo, njengamanje, noma ukhona lo msindo obuwenziwa ngami, kodwa ngisendaweni engithokozisayo”, kusho uLetoya.
Uchaze ngengoma asanda kuyikhipha ethi Abantu ukuthi ayibhalwanga uyena futhi ayikhulumi ngezinsolo ezenziwe ngaye.
Ngenyanga edlule ukhulume nephephandaba i-Daily Sun ngayo le ngoma lapho athe khona ikhuluma ngendlela abantu abaziphatha ngayo, indlela abakwazi ukukuphakamisa noma bekushonise phansi. “Ngingathi nje ikhuluma ngendlela thina bantu esibudedengu ngayo masikhuluma”, kusho yena.
Uqhubekile wathi le ngoma ikhuluma kakhulu ngezinto ezenzeke empilweni yakhe